Isikhondlakhondla senkundla yezokuxhumana esiphinde sibe ngumnikazi we-Facebook uMeta simangalelwe ngo-R35 billion ($2 billion) ngokubhebhethekisa impi yombango yase-Ethiopia.
Le nkundla yezokuxhumana kaMeta isolwa ngokuvumela izinkulumo ezinenzondo nobudlova okwabhebhethekisa ukuhlaselwa phakathi kweminyaka emibili yempi yase-Tigray eyafinyelela kwisivumelwano ngoLwezi.
Icala lifakwe abacwaningi base-Ethiopia u-Abrham Meareg, uFisseha Tekle, i-Amnesty International kanye nenhlangano yamalungelo abantu yase-Kenya i-Katiba Institute, kubika i-Reuters.
Abalwela amalungelo bafuna uMeta amise isikhwama semali engu-$2 billion sezisulu ezathola inzondo ku-Facebook, aphinde enze izinguquko ku-algorithm yekhasi futhi kumele aqashe abantu abaningi abazi ulimi lezwe labo.
UMeareg uyindodana kasolwazi wesayensi yamakhemikhali wase-Ethiopia, uMeareg Amare Abrha owalandelwa ngabesilisa ababehlomile ngezithuthuthu bamdubula washona ngoLwezi.
UMeareg utshele i-BBC ukuthi uyise owayeyilungu elaziwayo lomphakathi wase-Tigray wadutshulwa wabulawa ngemuva kwezinkulumo ezinenzondo kanye nolwazi olungelona iqiniso lokumhlasela olusabalale ku-Facebook.
“Ukube u-Facebook wakwazi ukumisa ukusabalala kwenzondo nokuqondisa imibhalo ngendlela ngabe usaphila ubaba.”
U-Facebook ubunayo into evimba izinkulumo ezinobungozi esikhathini esedlule. Isibonelo, ngoLwezi nyakenye okwabhalwa ku-Facebook nguNdunankulu u-Abiy Ahmed wasolwa ngokugqugquzela udlame ngokucela abantu ukuthi bangcwabe amavukelambuso. Inkulumo ka-Ahmed yasuswa ngokushesha ngemuva kokuyifaka.
UMeta ngesikhathi ebhala kwi-blogpost uthe unesu lokugcina abantu ezweni bephephile endaweni yezinkundla zokuxhumana.
Le nkampani iphinde yathi yabeka i-Ethiopia ngokuthi iyindawo yesikhashana enobungozi obukhulu futhi isithathe isinyathelo sokulungisa le nkundla okuhlanganisa nokususa izinkulumo ezinodlame nobudlova.
Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan
Isithombe esingenhla esemibhikisho yase-Ethiopia
Umthombo wesithombe: BBC