Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
EBizana endaweni yasemakhaya ku-wadi 28, umndeni wabantu abayishumi usuneminyaka engu-29 uphila ngaphandle kukagesi.
UNomasotsha Shathu (75) nezingane zakhe ezine – okuhlanganisa nendodakazi yakhe endala uNomangesi Shathu (42) – abakaze bahlale endlini efakwe ugesi.
Umndeni usebenzisa izinkuni ukupheka noku-ayina imifaniswano yesikole yezingane. Abakwazi ukubuka umabonakude futhi kumele bacele komakhelwane ukuze bashaje omakhalekhukhwini.
Yize umphakathi waKwaMadiba wafakelwa ugesi ngo-2022 umndeni wakwaShathu wasala ungenawo ugesi ngenxa yokuthi umuzi wawo wawungafakwanga ebalazweni ngesikhathi kwenziwa ucwaningo.
Lo mndeni waqale wanikezwa izinombolo ezikhomba ukuthi uzowuthola ugesi kwathi ngo-2022 kwenziwa ucwaningo lwesibili babikelwa ukuthi umuzi wabo awukho ebalazweni.
UShathu uzamile ukufuna izimpendulo ekhanseleni lewadi nasemakomitini ewadi kodwa wathola izimpendulo ezingacacile ezithi izindaba ezithinta ugesi ziyindida.
Ngesikhathi ezama ukwenza okuthile ukuze isimo sabo sinakwe umfowabo wazibambela mathupha waqala ukumba umgwaqo oseduze enethemba lokuthi uzophoqa ikhansela lendawo ukuthi likhulume ngezinto ezibakhathazayo.
Ikhansela lendawo uSithandiwe Yalo ukuqinisekisile ukuthi imizi eminingi okubalwa neminye eyisishiyagalombili ayikafakelwa ugesi.
Ube esechaza ukuthi eminye imizi yasemakhaya ayiveli ebalazweni nokuthi uhlelo lokuwengeza nge-GPS lungathatha isikhathi. Ukwengeza kulokho, ngesikhathi kushintshwa izinkontileka zikagesi eminye imizi yashiywa ingafakelwanga ugesi.
UYalo ukuqinisekisile ukuthi le mizi kulindeleke ukuthi ifakelwe ugesi ngonyaka wezimali ka-2023/24.
Umndeni wakwaShathu kanye nabanye abasezimweni ezifana nalezi basaqhubeka nokuhlala ebumnyameni bethembele kwezinye izindlela ukuze bahlangabezane nezidingo zabo zansuku zonke ngesikhathi besalinde ukufakwa kukagesi ezindlini zabo.
Esithombeni esingenhla: UNomangezi Shathu nomama wakhe uNomasotsha Shathu abangakaze bahlale endlini efakwe ugesi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe