Balandisa ngosizo lwabo abebethunjiwe

Buziwe Nocuze

Abanikazi bezitolo abathathu base-Bangladesh abathunjwe emasontweni angaphezu kwamabili edlule badedelwe ngemuva kokuthi kukhokhwe imali engu-R120 000.

Ezindabeni ezihlasimulisa umzimba zokuthunjwa kwabo, bathi bagcinwe benqunu futhi bebeshaywa njalo uma izihlobo zabo zitshela abathumbi ukuthi azinayo imali yobakuhlenga.

Izisulu ezintathu ezifisa ukungadalulwa ukuze zizivikele, zithi ziphinde zashiswa ngopulasitiki ovuthayo futhi beziphakelwa izingcezu ezimbili kuphela zesinkwa nsuku zonke.

Izisulu ezintathu zithunjwe e-Samora Machel eKapa ngomhlaka-17 kuNhlangulana. Laba balisa abathathu, ababili babo abayizelamani, bebebuya enxanxatheleni yezitolo ukuyothenga isitoko ngesikhathi bethunjwa.

Ngemuva kwezinsuku ezingu-14 ezibuhlungu, badedelwe ngoLwesihlanu.

Ilungu lomndeni lesinye sezisulu nalo elingathandanga ukudalulwa igama litshele i-Scrolla.Africa ukuthi la madoda abegcinwe e-Khayelitsha ashiywe e-Macassar ukuze azitholele indlela ebheke ekhaya.

Ekuqaleni abathumbi bafune u-R5 million, kodwa umphakathi wase-Bangladesh eKapa ubatshele ukuthi awunayo leyo mali ngoba abebethunjiwe banezitolo ezidayisa ufishi nama-chips kuphela.

“Bekungelula ukuhlanganisa le mali ngoba besingenayo imali engako ehleli, okubuhlungu ukuthi abantu bacabanga ukuthi sinemali eningi,” kusho ilungu lomndeni.

Izisulu azikayi emaphoyiseni ngoba zihlukumezekile, nemindeni yazo ifuna ukubatholela ukwelulekwa. Kunalokho, baphuthunyiswe esibhedlela.

Abanikazi bezitolo base-Bangladesh bake bathi izigebengu ziqonda bona ngoba zicabanga ukuthi benza imali eningi ngezitolo zabo zeziphaza.

Izihloko zakamuva