Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Yini embi ukwedlula uhambo lwebhasi olusuka eKapa luya eGoli? Ukuthola ukuthi umshayeli wakho akanazo izincwadi zokushayela usuphakathi nohambo.
Ukuhamba ngebhasi phakathi kwala madolobha amabili akuthathi isikhathi eside kakhulu— kodwa kulokhu kube uhambo olude kubagibeli abebehamba ngebhasi iWezwe kuleli sonto.
Umgibeli webhasi obethukuthele egane unwabu ocele ukungadalulwa igama uthe kuthathe izinsuku ezimbili ukufika eGoli.
Izinkinga zabo ziqale ngaphambi kokuthi basuke eKapa ngoLwesine, ngesikhathi ibhasi labo lango-3:30 ntambama lifika ngehora lesithupha ntambama. “Bengazi ukuthi sizoba nohambo olude kakhulu, kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi lokhu kuzofaka phakathi umshayeli,” kusho umgibeli eqhubeka ngokuxoxa ngokwenzekile.
“Ngesikhathi sifika e-Beaufort West ngehora lesibili ekuseni, ibhasi lethu liye lamiswa ngamaphoyisa omgwaqo. Kuvele ukuthi umshayeli ubengenazo izincwadi zokushayela, ibhasi lethu laboshwa.”
Bebenethemba lokuthi inkampani izothumela elinye ibhasi. Akwenzekanga lokho, futhi akekho ovela enkampanini oye wabatshela okuthile.
“Abebenemali kudingeke ukuthi bagibele izimoto thina sasala kanjalo silinde indlela eya phambili.”
Ekugcineni, ngoLwesihlanu ekuseni kufike elinye ibhasi – kodwa liye labayisa e-Three Sisters,” kusho uNosisa Mqhogo (40).
“Angikaze ngiyibone into enjena empilweni yami. Ukulala emgwaqeni izinsuku ezimbili ezigcwele ngize ngifike ngosuku lwesithathu kube uhambo olubi kakhulu kimi,” kusho uMqhogo.
Ngokusho kwabagibeli, ibhasi lifike ngabo-2:30 ntambama ngoLwesihlanu. Basuke e-Three Sisters ngehora lesithathu ntambama.
Bekumele bafike eGoli ngabo-9:30 ekuseni ngoLwesihlanu. Bagcine befike eGoli ngoMgqibelo ekuseni ngo-2.30.
“Ngeke ngiphinde ngigibele amabhasi ale nkampani ngoba abanandaba nabagibeli. Iningi labantu bebelambile futhi bomile ngoba bebengenayo imali yokuthenga ukudla; ukuhlala izinsuku ezimbili ezigcwele emgwaqeni kumele kube ihlazo kule nkampani,” kusho umgibeli ongathandanga ukudalulwa igama.
I-Scrolla.Africa sizamile ukuxhumana nale nkampani kodwa akekho obambe ucingo, ngisho noma sesithumele ama-email kanye nemiyalezo ye-WhatsApp akekho ophendulile.
Esithombeni esingenhla: Abagibeli bebhasi iWezwe
Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe