Balale bebaliwe abaqaphi bakaMashatile abasolwa ngesokuhlukumeza

Lubhalwe nguMbhali we-Staff

Amaphoyisa ayisishiyagalombili angabaqaphi bePhini likaMengameli uPaul Mashatile ashaya abantu abathathu emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 aseboshiwe.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate kuzwelonke uRobbie Raburabu uthe abasolwa bagcinwe esiteshini samaphoyisa e-Sandton.

“Abasolwa bazogcinwa esiteshini samaphoyisa e-Sandton baze bavele eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoMsombuluko (namhlanje),” kusho uRaburabu.

La maphoyisa asagodliwe amagama awo njengoba ebengakabekwa icala ngokusemthethweni.

Ukuboshwa kwawo kuza ngemuva kophenyo ngevidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ekuqaleni kwale nyanga ekhombisa eshaya ngesihluku amadoda amathathu abehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo abesuka eGoli elibangise ePitoli.

Kuthiwa omunye wezisulu uL’vaughn Fisher (25) uhlose ukumangalela amaphoyisa ngokufuna isinxephezelo sika-R1-million.

Esithombeni esingenhla: Ama-screenshots akhombisa abaqaphi bePhini likaMengameli behlasela ngonya abantu ku-N1.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva