Nkhensani Mthombeni
Ukhungathekile umndeni wase-Limpopo ngemuva kokushona kwendodana yawo eneminyaka emine ngesikhathi ishokhwa izintambo zikagesi.
Lesi sigameko esibi senzeke e-Burgersdorp Village ngaphandle kwase-Tzaneen ngeSonto ntambama ngesikhathi uThabang Mokgata nomzala wakhe oneminyaka eyisikhombisa bephuma kubabekazi wabo.
Le ndawo yintsha kulamakhaya kanti ayikabi nawo ugesi. Iningi labantu lapha lithembele ekuxhumeni ugesi ngokungekho emthethweni.
“Umzala wakhe usitshele ukuthi lo mfana omncane ngesikhathi behamba uthe ufuna ukuya endlini yangasese wabe esegijima waya ehlathini eliseduze ukuze azisize,” kusho uDinah Mokgata ubabekazi kaThabang.
“Ngesikhathi esazisiza ilapho ashokhwe khona ugesi.
“Kubukeka sengathi akazibonanga izintambo zikagesi. Sishaqekile yilesi sigameko ngoba besihlale sibafundisa ukuthi bangalokothi bathinte noma iziphi izintambo zikagesi.”
Uphinde watshela i-Scrolla.Africa ukuthi umama wengane uSophie Mokgata uthola ukwesekwa futhi ululekwa osonhlalakahle.
NgoLwesibili ugogo kaThabang uvele waquleka ngeskhathi ezwa lezi zindaba futhi usaqhubeka nokuzabalaza ukubhekana nale nhlekelele.
UDina uphinde wathi umndeni udinga usizo ngezinhlelo zomngcwabo njengoba bonke bengasebenzi.
Amaphoyisa avule idokodo lophenyo kanti uphenyo lusaqhubeka.
UMnu uModjadji Baloyi okhulumela u-Eskom esifundazweni uthe udaba luyaphenywa ngakho-ke angeke bakwazi ukuphendula imibuzo mayelana nalolu daba.
UDina uveze ukuthi abakwa-Eskom bafike emndenini ukuzokwenza olwabo uphenyo.