Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Bathukuthele bayaveva abasebenzi be-Expanded Public Works Programme (EPWP) kumasipala INkosi Langalibalele KwaZulu-Natal ngemuva kokunqanyulwa kwezinkontileka zabo kusasele izinyanga ezine.
Umsebenzi okhethe ukuba igama lakhe ligodlwe uthe bathola izincwadi zokuxoshwa mhla zimbili kuMandulo. Izinkontilela zabo yezinyanga eziyisithupha, eqale ngoNtulikazi bekumele iqhubeke kuze kube sekupheleni kukaZibandlela.
“Le ncwadi ibichaza ukuthi umasipala Inkosi Langalibalele awuzange uhambisane nemigomo ye-EPWP yokuqasha,” kusho umsebenzi.
Incwadi ayisho ukuthi bazoqashwa kabusha yini noma kuzoqashwa abasebenzi abasha.
Abasebenzi baphinde abangawithola imiholo yabo engu-R2,235 kaMandulo. Ngesikhathi bekhuluma nemenenja kamasipala uMnuz Sthembiso Mthembu, uthe ngeke akwazi ukusiza.
“Umphathi uthe akukho angakwenza ngoba iMeya uSobholenyoni uMduduzi Myeza uqashe abantu bakhe abangu-98,” kusho umsebenzi.
NgoNhlangulana amakhansela angu-24 atshelwa ukuthi aqashe abantu abangu-15 iwadi ngayinye. Kodwa ukuqashwa kwabantu bekungalingani, kwamanye amawadi akuzange kuqashwe muntu kanti kwamanye kuqashwe abahlanu noma abayishumi.
Umsebenzi uthe imeya ihlela ukuqasha abantu abangu-98 ebaziyo okuhlanganisa izihlobo nabanye abangu-30.
UMthembu ubengaziphenduli izingcingo noma aphendule imiyalezo ye-Scrolla.Africa ngesikhathi sokushicilela.
Osesithombeni esingenhla: USthembiso Mthembu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe