Bakhumbula igalelo likaPele ebholeni laseNigeria 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ngesikhathi uPele evakashela i-Benin City ngo-1969 phakathi nempi yombango ibhola lase-Nigeria lacishe lashabalala unomphela.

Ngesikhathi amasosha kahulumeni wase-Nigeria kanye nabalwela inkululeko yase-Biafra bezithola besempini eshubile, lo mdlali (28) ngaleso sikhathi owawina iNdebe yoMhlaba ye-Fifa amahlandla amabili wangena endaweni yesigameko waletha ukuthula.

UPele ongomunye wabadlali abavelele abake badlala lo mdlalo ukhonzwe e-Afrika yonkana uma kubhekwa igalelo lakhe kwizwekazi.

Umdlalo omuhle owawuphakathi kwe-Mid-Western State XI kanye ne-Santos ethandekayo yase-Brazil waletha ubumbano kubantu abavele bakhohlwa izibhamu zabo imizuzu engu-90 baphinde bahlangana ukuze babungaze umdlalo omuhle.

UPele ungumuntu ohlonishwayo e-Nigeria kanti abambalwa abachaza ifa lakhe kangcono kungaba umbusi wase-Mid-Western State, uSamuel Ogbemudia owasiza ukuhlela umdlalo eminyakeni engamashumi amahlanu edlule.

“Ukuvakasha kukaPele kwaholela ezintweni eziningi. INhlangano yebhola yase-Nigeria lapho engasebenza khona iminyaka engaphezu kweyishumi isibheke e-Brazil yabalingisa futhi yakhuthaza abadlali ukuthi badlale njengabadlali base-Brazil,” kusho u-Ogufere etshela i-BBC Sport Africa.

“Lokho kwaholela ekutheni abantu base-Nigeria baye e-Brazil nokuthi i-Nigeria iqashe umqeqeshi wase-Brazil, u-Otto Gloria owasisiza ukuwina i-Africa Cup of Nations okokuqala ngqa ngo-1980.”

“Sonke siphatheke kabi kakhulu ngokulahlekelwa nguye kodwa ushiye uphawu olungacisheki okumele abadlali babheke ukulilingisa.

UGodwin Izilein owayengukaputeni weqembu lasekhaya mhla zizine kuNhlangulana ngo-1969 ngesikhathi i-Santos iwina ngo 2-1, udwebe isithombe esikhombisayo ukuthi inkundla yezemidlalo i-Ogbe yayinjani ngalolo suku.

“Bekumayelana noPele. Ngaphambi kwehora lokuqala inkundla yezemidlalo i-Ogbe yayigcwele phama futhi kwakunzima ukuthi abantu bathole izihlalo ngoba babemagange ukubona ubuciko bukaPele,” kusho u-Izilein etshela i-BBC Sport Africa.

“UPele wayekuthokozele kakhulu ukukhuluma nami. Wathi, ‘Ungathanda yini ukuya nami e-Brazil?’ ngathi cha.”

“Akekho owayekuthakasele ukuhamba ngaleso sikhathi. Ukube bekumanje ngabe ngabalandela ngesikhathi bephuma nje enkundleni.”

Esithombeni esingenhla: UPele

Umthombo wesithombe: @africansilver

Izihloko zakamuva