Bakholwa ukuthi umsulwa umsubathi osolwa ngezidakamizwa

Lubhalwe nguThathe Msimango

UDavor Savija ongumnikazi we-Ikaika sports agency management usekulungele ukuya empini egameni lekhasimende lakhe, uRhonex Kipruto obhekene nezinsolo zokusebenzisa izidakamizwa.

Engxoxweni ekhethekile ne-Scrollla.Africa, uSavija uzwakalise ukukhungatheka kwakhe.

“Lo msubathi uyanyundelwa futhi kuyasolisa kakhulu ukuthi kuvela inkinga cishe yangeminyaka emine edlule. Sengimazi uRhonex iminyaka futhi ngiyabethemba ubufakazi bakhe.”

UKipruto ophethe irekhodi lomhlaba njengamanje ku-10,000 metres nesikhathi esimangalisayo esingu-26:24 emjahweni i-Valencia 10k ngo-2020, ubekwe icala i-Athletics Integrity Unit ngokusebenzisa into noma engavunyelwe ethathwa njengezidakamizwa” kanti lokhu kwatholakala kwi-passport yakhe phakathi kukaNtulikazi-2018 noNdasa nyakenye.

Lo msubathi wase-Kenya, ophinde wathola indondo yethusi ku-World Athletics Championship e-Doha ngo-2019, angase abhekane nokungagijimi iminyaka emine uma etholakala enecala.

USavija uthe uKipruto ungumuntu okhuthele nozimisele.

“Sonke siyabona ukuthi ithalente lakhe alinakuqhathaniswa. Usehlale esicongweni iminyaka. Ingiphethe kabi indlela aphathwa ngayo ngoba lokhu akumfanele,” kusho uSavija.

Naphezu kwengxabano eqhubekayo uKipruto uqhubekile nokubonisa ifomu eliyingqayizivele kulo nyaka. Uthole indawo yesine ku-Lisbon Half Marathon waqeda ngesikhathi esincomekayo esingu-59:22.

Ukwengeza uthole isikhathi esincomekayo esingu-27:12 kwi-Adizero Adidas Invitational eJalimane ngenyanga edlule.

“Sizimisele ukukhokha yonke imali kaKipruto uma ngempela etholakala enecala. Lokhu ngikusho ngoba ngikholelwa kakhulu ekutheni umsulwa,” kusho uSavija.

“Sitshale izimali ezinkulu kuleli cala futhi ngeke siphele amandla. Ekugcineni, ngizimisele ukumtholela umphumela omuhle.”

Uma uKipruto etholakala enecala, uzongena ohlwini lwabasubathi abangu-65 base-Kenya okumanje abamisiwe ngamacala okusebenzisa izidakamizwa.

Lolu hlu luhlanganisa uDiana Kipyokei umpetha we-Boston Marathon yango-2021, othole ukumiswa iminyaka eyisithupha ngokusebenzisa into engavumelekile ebizwa nge-triamcinolone acetonide kanye noPurity Rionoripo owawina i-Paris Marathon yango-2017, umiswe iminyaka emihlanu ngemuva kokuhlolwa ukuthi une-diuretic egazini lakhe okuyi-furosemide.

Isithombe esingenhla: URhonex Kipruto

Umthombo wesithombe: I-Pinecrest

Izihloko zakamuva