Elmon Tshikhudo
Ngesikhathi bemkhombe ngezibhamu, uVictor Ramukumba uncengele impilo yakhe futhi wanikela ngakho konke abenakho kuye. Kodwa abasolwa bebefuna okwengeziwe.
NgoMsombuluko ebusuku uRamukumba, ongumnikazi we-Mangondi Eating House and Bottle Store ngaphandle kwase-Thohoyandou, e-Limpopo ufike ebhizinisini lakhe walinda abasebenzi bakhe ukuthi bavale.
Ubengazi ukuthi kuzoba usuku lwakhe lokugcina ephila.
Ngehora lesi-09:00, ngesikhathi kucishwa ugesi, abasebenzi bebengena emotweni kaRamukumba ngesikhathi kuqhamuka abesilisa abephethe izibhamu.
Abasebenzi batshele i-Scrolla.Africa ukuthi uRamukumba unikeze lezi zigilamkhuba konke anakho, kodwa bakhetha ukumbulala.
Okuyindida ukuthi laba besilisa abambulala abazange bathathe mali nokunye okubalulekile.
Unkosazane Priscilla Mbulaheni obonile ngesikhathi kubulawa umphathi wakhe uthe akangabazi ukuthi ukubulawa kwakhe bekuhleliwe.
“Lokhu bekusobala. Abazange bathathe lutho njengoba ebephethe nesikhwama sakhe semali, okhiye bemoto, okhiye besitolo kanye nomakhalekhukhwini. Angingabazi ukuthi bebemfuna efile. Bebengafuni lutho ngaphandle kwempilo yakhe,” kusho uPriscilla.
Umphathi wendabuko endaweni uNndavheleseni Maumela uthe uRamukumba ubeyindoda elwela intuthuko endaweni.
“Uqashe abantu abathathu. Angazi ukuthi kuzoba njani ngabasebenzi bakhe,” kusho uMaumela.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier uMotlafela Mojapelo usiqinisekisile lesi sigameko wathi sekuqalwe umkhankaso wokuthungatha ababulali.
“Imbangela yokubulawa kwakhe ibingakaziwa okwamanje kanti kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte umphenyi uSayitsheni Maanda Sumbana kule nombolo ethi-0722677346 noma inombolo ye-crime stop ku-0860010111 noma ubike esiteshini samaphoyisa esiseduze noma kwi-MySAPSApp,” kusho uMojapelo.