Lubhalwe nguLungani Zungu
Izindaba zokuthi uhulumeni wase-Gauteng uzobuyisela imali yabashayeli abebekhokha isizumbulu sika-R6.9 billion wemali yama-etoll zithathwa kancane.
Selokhu kwethulwa lolu hlelo ngo-2013 abashayeli bezimoto bebekhala ngohide lwezinkinga okuhlanganisa nezingqinamba ezingapheli. Iningi belincamela ukungakhokhi nhlobo.
Njengoba izikhalazo nokugxekwa kwanda, uNdunankulu wase-Gauteng, uPanyaza Lesufi umemezele ngenyanga edlule ukuthi lolu hlelo luzohoxiswa ekuqaleni kwalo nyaka.
Ubuye wengeza ngokuthi u-17% wabashayeli bezimoto esifundazweni abebekhokha imali yama-etoll bazobuyiselwa imali ebalahlekelile.
Kodwa akukacaci ukuthi abashayeli bazokhokhelwa kanjani nokuthi iziphi izindlela ezizosetshenziswa.
Inhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) iyona ebihola impi kwasekuqaleni ngokuba khona kwama-etolls.
Isikhulu esiphezulu se-Outa uWayne Duvenage sibuthuntu kulandela isithembiso sokuthi abashayeli bazobuyiselwa imali abayisebenzise kuma-etolls.
“Sisamile ekutheni isibalo sabantu abasakhokhela ama-etolls bamosha imali yabo njengoba emancane amathuba okuthi bayithole futhi,” kusho uDuvenage esitatimendeni.
Ubuye wengeza wathi: “Eminyakeni embalwa edlule iziphathimandla ziveze izinsuku nezikhathi ezazibekiwe zalolu hlelo olwalungasekho ukuba luchithwe, kodwa bahluleka ukufeza isithembiso sabo.
Isakhamuzi sase-Gauteng, uKatlego Radebe ungene ku-Twitter wagxeka uhulumeni wase-Gauteng.
“Leli yisu lepolitiki ngaphambi kokhetho ngonyaka ozayo. Bafuna ukuwina amavoti ngokuthi bazowachitha ama-etolls.”
UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana umemezele ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali saphakathi nonyaka odlule ukuthi uhulumeni wase-Gauteng uzothatha u-30% wemali engu-R47 billion ekweletwa i-South African National Road Agency (Sanral).
I-Sanral iyinhlangano kaHulumeni ebhekele ukuphatha, ukugcinwa nokuthuthukiswa koxhaxha lwemigwaqo kazwelonke.
