Dalphine Tagwireyi
Abasolwa ecaleni lokubulala uBontle Mashiyane (6) kuthiwa bathenjiswe izizumbulu zemali yisangoma sendawo uma beletha izitho zezingane.
Abasolwa abathathu, uCollen Hlongwane, uThapelo Ngomane noNtombikayise Mokoena, babhekene namacala okuthumba, okubulala kanye nawokudlwengula. Bobathathu basichithile isicelo sabo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaKaBokweni ngoMsombuluko.
UMokoena, othandana noHlongwane, kusolakala ukuthi umazise ngebhizinisi lokudayisa ngezitho zomzimba elikhokha u-R10 000 ingane ngayinye.
UHlongwane usolwa ngokuheha intombazanyana ngesikhathi idlala nabangani bayo – okuhlanganisa nengane kaMokoena (10), – ngomhlaka-22 kuNdasa.
Kusolwa ukuthi uNgomane wakhe itulo lokubulala intombazanyana ngesihluku kanti yena ehlangene noHlongwane bayikhiphe izitho zomzimba okubalwa kuzo isibeletho, amadolo kanye nolimi.
Bakhokhelwe u-R10 000 umuntu ngamunye nguMokoena okuthiwa udayisele isangoma izitho zomzimba ukuze ‘kuqhutshwe isiko’.
Okwamanje abasolwa bagcinwe esitokisini samaphoyisa.
Amaphoyisa abophe abanye abasolwa ababili okuthiwa bangongqondongqondo kulobu bugebengu. Abasolwa, amagama abo aziwa i-Scrolla.Africa, bangomashonisa abaziwayo endaweni yase-Mganduzweni.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe uphenyo lusaqhubeka. Uthe kunabasolwa ababili esitokisini abathe bayingxenye yeqembu lezigelekeqe ezidayisa ngezitho zomzimba zamantombazanyana asemancane.
NgoMsombuluko ebusuku, iqulu labantu bendawo ebelithukuthele ligane unwabu lishise umuzi kamashonisa e-Mganduzweni.
Isidumbu sikaBontle sitholwe ethuneni elingashoni eduze kwekhaya lakhe ngomhlaka-21 kuNhlaba.
UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi eMpumalanga, uVusi Shongwe, ukugxekile ukubulawa ngesihluku kukaBontle osemncane, okusolakala ukuthi uyisisulu sesangoma esigila umkhuba wokubulala nokusetshenziswa kwezitho zomzimba zamantombazanyana amancane.
“Lokhu kubi futhi akunabo ubuntu kanti akufanele kuvunyelwe emiphakathini. Siyazi ukuthi abelaphi bendabuko kufanele bahole phambili ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane hhayi ukuthi babe ngabenzi bobubi,” esho.
Laba bobathathu bazobuyela enkantolo ngomhlaka-24 kuNtulikazi njengoba uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. Umashonisa nendodana yakhe bazovela eNkantolo yaseMayoni ngomhlaka-24 kuNhlaba.