Bakhishwe ngoshova enkundleni

Dylan Bettencourt

UZinedine Zidane wase-France ubekezelele ukungqubuzana okuningi nezikhulu ezinsukwini zakhe esadlala ibhola nalapho esengumphathi khona. 

Kodwa wayengakaze acabange ukuthi angaqophisana nongenele ukhetho lokuba nguMengameli.

UZidane ube nenkinga ngemuva kokuthi umfowabo uNoureddine ekhiphe u-Eric Zemmour oqokelwe isikhundla sokuba nguMengameli enkundleni yakhe yebhola enabantu abahlanu e-Marseille ngenxa yezinqubomgomo zakhe ezimelene nabantu bakwamanye amazwe.

Lokhu kwenzeka nje sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi komzuliswano wokuqala wokhetho e-France, lapho usopolitiki uZemmour efika enkundleni yebhola i-Z5 eyasungulwa nguZinedine.

Ngemuva kwemizuzu embalwa uqalile umdlalo uNoureddine ophethe isikhungo sezemidlalo, ushaye indweba watshela obengene nethimba lakhe ukuthi baphume enkundleni.

“Abaphume lapha bonke,” kusho uNoureddine.

UNoureddine uchaze ukuthi uZemmour ufike nethimba lamakhamera futhi bebengafuni ukuthi umkhiqizo wabo uhlotshaniswe nemibono yalowo ozongenela ukhetho.

UZemmour ubonakale edidekile engaqondi ukuthi kungani yena nethimba lakhe becelwa ukuba bahambe yize beyikhokhile imali yokusebenzisa inkundla.

“E-France akuzona kuphela izindawo okungahanjwa kuzo ezikhona kodwa kunezindawo ezingavumelekile ukuthi kudlalwe ibhola,” kusho uZemmour etshela iphephandaba i-La Provence.

Phambilini ngalo lolo suku, uZemmour wavakashela imakethe egcwele abantu abavela kwamanye amazwe e-Marseille, okuyikhaya labantu abaningi abaqhamuka emazweni angaphandle wakhishwa inyumbazana ngemuva kwenkulumo yakhe ethi iningi labantu ababekhona lalingenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba lapha ngokusemthethweni kufanele libuyiselwe emakhaya.

UZemmour nokho akagxilile ngenxa yobumnandi nokwamukelwa akutholayo njengoba etshele izintatheli ukuthi i-France ngeke igcine ifana ne-Marseille.

“I-Marseille iphazamisekile ngenxa yabantu abavela kwamanye amazwe.

Uma singenzi lutho i-France yonke izofana ne-Marseille, idolobha eligcwele abantu abaqhamuka kwamanye amazwe ikakhulukazi amaSulumane,” kuchaza uZemmour.

UZidane wazalelwa e-Marseille ezalwa ngabazali base-Algeria ngaphambi kokuhola i-France ekunqobeni kweNdebe yoMhlaba kabili, ngonyaka ka-1998 nango-2006 lapho aduma khona ngokushaya uMarco Materazzi ekhanda ngemuva kokuthi lo wesilisa oyi-Italian edelele udadewabo.

Ngemuva kokuba umpetha enkundleni yebhola, uZidane wenze umlando njengomphathi, ewina amahlandla amathathu e-Champions League ne-Real Madrid.

Umthombo wesithombe:@HealthFitAndSports

Izihloko zakamuva