Doreen Mokgolo
Ngesikhathi izakhamizi zasemijondolo yaseGugulethu e-Springs, e-Ekurhuleni zitshelwa ukuthi sezingangena ezindlini zazo ezintsha zomxhaso zajabula kakhulu.
Besekuphele iminyaka behlala emijondolo. Ekugcineni, bese benezindawo abebengazibiza ngamakhaya.
Kodwa injabulo yabo ibe ngeyesikhashana ngesikhathi iqulu lamadoda libaphoqa ukuthi babuyele emijondolo yabo, libatshela ukuthi bathole izindlu ngokungemthetho.
NgoLwesithathu ebusuku iqulu lamadoda abehlomile ligasele ezindlini zabo, lacekela phansi impahla, lashaya izakhamizi laphinde lasongela izimpilo zabo.
Baze bathela izakhamizi ezimbili ngophethiloli basabisa ngokuthi bazozishisa.
Esinye isisulu uNksz Nophumzile Mahlanjane (68) uthe ubelele nabazukulu bakhe abathathu ngesikhathi ezwa abantu bekhala becela usizo ngaphandle futhi kunomsindo.
“Ngemuva kwemizuzu embalwa ngizwe umuntu esekhahlela iminyango yami emibili ezama ukuyivula ngenkani ngesikhathi abanye begqekeza amawindi.
“Amadoda amathathu akwazile ukungena endlini ashaya indodakazi yami ayibiza ngamagama aphihliza nezitsha zami,” esho.
Uthe omunye walaba abebengene endlini umeluleke ngokuthi aphume emzini wakhe omusha ngoba bahlele ukuthungela izindlu ngomlilo ngakusasa ebusuku.
Esinye isakhamuzi, uSarah Skhosana, wengeze ngokuthi wajabula ngesikhathi eqala ukuhlala endlini yakhe entsha.
“Lo muzi lokhu ngawulinda kusukela ngo-1998. Manje njengoba sengiwutholile ngihlushwa izigebengu ezisongela izimpilo zethu.”
Ngenxa yokwesaba izakhamizi ziqoqe izimpahla zazo zabuyela emijondolo yazo.
Okhulumela uMasipala wase-Ekurhuleni uZweli Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi lesi isigameko sesibili esibikiwe selokhu izakhamizi ziqale ukuthuthela ezindlini zomxhaso ngoNhlaba.
“Sigqugquzele izakhamizi ukuthi zithuthele ezindlini ezintsha ngesikhathi zisalinde ukuthi zifakelwe ugesi namanzi.
“Lokhu kungemuva kokuthi sithole ukuthi kunezakhamizi ezingene ezindlini ngokungemthetho nokuthi ezinye izindlu zicekelwe phansi.
Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Temba Dlamini, uthe bazokwandisa amaphoyisa endaweni.
Uthe amaphoyisa abelene ngemininingwane yokuxhumana nomphathi wamaphoyisa ukuze izakhamizi zimshayele ucingo uma zihlaselwa.
Amaphoyisa aphenya amacala okucekela phansi impahla nokugqekeza kanti akhuthaza izakhamizi ukuthi zibike amanye amacala.