Farida Joyce
Sekuphele iminyaka abahlali begetshengwa bekhonjwa ngezibhamu nangemimese emigwaqeni yabo, begqekezelwa izindlu bephucwa nomakhalekhukhwini.
Manje abahlali base-Ivory Park extension 2, e-Midrand, banikele ngemali ukuze bavikele izimpilo zabo kanye nezakhiwo zabo.
Uthango lakhiwe izakhamizi njengendlela yokunciphisa ukungena nokuphuma kule ndawo. Njengezinye izizinda eziningi, kunendlela eyodwa kuphela yokungena nokuphuma kanti kumele izivakashi zibhalise uma zingena.
UChicco Lunga, ongunogada kulesi sikhungo, oqashwe yizakhamizi uthe bazama ukudala ukuthula.
“Sivala isango ebusuku ngoba asifuni abantu abangenayo nabaphumayo abenza noma yini abayithandayo ngempahla yabanye abantu. Silwa nobugebengu,” kusho uLunga.
Isakhamuzi uLucky Radebe uthe: “Lokhu kuyasisiza kakhulu ngoba akekho umuntu ohamba ebusuku futhi onogada baqapha abantu abangenayo nabaphumayo.”
Esinye isakhamuzi uMnu Sipho Mkhize uthe ubugebengu behlile.
“Abemaningi amacala okugetshengwa nokugqekeza kanti bese sikhathele yikho. Isimo sesingcono kakhulu manje,” usho kanje.