Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa ase-Western Cape abhekene nengwadla yokuhlaselwa kwamaphoyisa.
Izigameko ezenzeke ekuqaleni kwaleli sonto, kushone amaphoyisa amabili kanti amathathu alwela impilo yawo esibhedlela sendawo.
Ukuhlaselwa okwenzeke ezindaweni ezingomakhelwane base-Philippi naseKhayelitsha kushiye abantu abaningi beshaqekile esifundeni sonke.
La maphoyisa amabili abengekho emsebenzini ashone ezigamekweni ezehlukene eKhayelitsha.
Isisulu sokuqala ebesinguSayitsheni esiteshini samaphoyisa e-Elsiesrivier besishayela eSolomon Tshuku e-Site C, eKhayelitsha ngezithuba zabo-17:30 ngeSonto ngesikhathi owesilisa eza emotweni yakhe wangabuza lutho wavulela ngenhlamvu. USayitsheni uphuthunyiswe esibhedlela ngeshwa washona.
Ngemuva kwesigamu sehora, kudutshulwe omunye uSayitsheni kanye nabangani bakhe e-Mandela Park.
Abahlaseli abangaziwa kuthiwa bebeqonde kubona ngqo. Uphenyo lokuqala luveza ukuthi ukugetshengwa yisona isizathu.
USayitsheni oyilungu le-Nyanga SAPS ushonele endaweni yesigameko.
Lokhu kudutshulwa kuqhubekile ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi oConstable abathathu bengeniswe esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.
Lesi sigameko senzeke e-Philippi kanti abasolwa abebehlomile bavulele ngezinhlamvu bebhekise emotweni yamaphoyisa.
Ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa e-Western Cape uColonel Andre Traut, abahlaseli bebebalekela isigameko sokugebenga behlomile ngesikhathi behlangana namaphoyisa endaweni yokupaka izimoto kule nxanxathela yezitolo.
“Ngenhloso yokubalekela ukuboshwa, abasolwa badubule kaningi bebhekise emaphoyiseni kwalimala oConstable besifazane abathathu kodwa alidubulekanga iphoyisa lesilisa ebelishayela,” kusho uTraut.
OConstable abalimele abaphakathi kweminyaka engu-26 no-32 ubudala, baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze nguzakwabo wesilisa.
Ababili babo kumanje kubikwa kuthi basesimeni esibucayi kanti owesithathu usesimweni esigculisayo.
Iqembu labasolwa abalinganiselwa kwabayisithupha libaleke endaweni yesigameko ngemoto e-Silver Opel LDV ne-number plate okungasiyo eyemoto.
UNgqongqoshe woMnyango wezamaPhoyisa nokuPhepha koMphakathi e-Western Cape, uReagen Allen ukugxeke kakhulu ukuhlasela kanye nokungahlonishwa kwamaphoyisa athenjwe ukuba avikele umphakathi.
UMnu Dumisani Qwabe, ongunobhala wesigungu esithinta umphakathi uhambe emazwini wathi kumele zigwetshwe kanzima lezi zigebengu.
“Uphiko lwethu lwezobulungiswa kumele luthumele umyalezo oqinile ezigebengwini. Kumele zazi ukuthi uma ziqhubeka nokukhomba amaphoyisa zizobhekana nemiphumela enzima,” kusho uQwabe.
Isakhamuzi esicele ukungadalulwa sizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokudlondlobala kobugebengu enxanxatheleni yezitolo lapho kwenzeke khona isigameko sokudutshulwa.
“Inxanxathela yezitolo bekuhloswe ngayo ukuhlomulisa umphakathi, kodwa manje isiphenduke isizinda sobugebengu kusukela ekubanjweni kwezitolo kuya ekuduneni izimoto.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ase-Western Cape ashaqekile kulandela isigameko sokudutshulwa kwamaphoyisa amahlanu
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze