
Dylan Bettencourt
Njengoba abasebenzi abaqhamuka emazweni angaphandle bebhekene nokulahlekelwa izimpilo zabo kanye nokusebenza njengezigqila ngesikhathi kulungiselelwa iNdebe Yomhlaba ye-Fifa e-Qatar inhlangano ebusayo isolwa ngokwehluleka ukufeza izithembiso zayo zemvelo.
Kusukela embikweni wokushona kwabasebenzi abaqhamuka emazweni angaphandle abangu-6,500 ngesikhathi kwakhiwa izinkundla zeNdebe Yomhlaba kusolwa ukugqilazwa kwabasebenzi.
Abagqugquzeli balo mcimbi bathe kuzoba iNdebe Yomhlaba yokuqala ye-carbon neutral okusho ukuthi kuzoba negesi encane ekhishwayo ngesikhathi somqhudelwano futhi noma ikuphi okukhona kuzokhanselwa ngezinye izindlela.
Kodwa i-Carbon Market Watch (i-CMW) okuyinhlangano engenzi nzuzo esebenza ne-European Union ibhekisise izinhlelo futhi yathi ukukhishwa kwegesi akubikwanga kahle kanti ukwakhiwa kwezinkundla zemidlalo ezintsha eziyisikhombisa kuphakamisa ukukhathazeka.
“Kungaba kuhle ukubona umthelela wesimo sezulu uncipha kakhulu kodwa izinsolo zokungathathi hlangothi ezenziwayo azikholakali,” kusho uGilles Dufrasne we-CMW umbhali walo mbiko.
“Naphezu kokuntuleka ubufakazi buphakamisa ukuthi ukungcola okuvela kuleNdebe yoMhlaba kuzoba ngaphezulu kakhulu kunalokho obekulindelwe ngabahleli.”
Umbiko we-CMW uveza ukuthi igesi ekhishwayo ngesikhathi kwakhiwa izinkundla ingaba ngaphezulu ngokuphindwe kasishiyagalombili njengokusho kwe-Fifa.
Kuphinde kwavela ukukhathazeka enhlanganweni yokuthi zizosetshenziswa kangakanani lezi zinkundla zemidlalo esikhathini esizayo.
“Ukusetshenziswa kakhulu kwezinkundla zemidlalo eziningi kangaka endaweni encane kangaka akuqinisekile, ikakhulukazi uma kucatshangelwa ukuthi i-Doha yayinenkundla yezemidlalo eyodwa kuphela enkulu ngaphambi kokuthi iklonyeliswe ngeNdebe Yomhlaba,” kusho i-CMW embikweni.
I-Fifa iwuphikisile lo mbiko futhi imile esicelweni sayo somcimbi ongakhethi hlangothi ohlelelwe uLwezi.
“Abagqugquzeli bazibophezele ekutheni bazokala, banciphise futhi baqede konke ukukhishwa kwegesi encolisa umoya njengoba kuza iNdebe yoMhlaba ye-Fifa kulo nyaka ngesikhathi bethuthukisa izixazululo zegesi engaphansi e-Qatar,” kusho okhulumela i-Fifa.
“Ngakho-ke i-Fifa ayikaze idukise ababambiqhaza bayo njengoba kusho umbiko.”
Umthombo wesithombe: @Bloomberg