Bakhathazekile abashayeli ngezimoto ezibalimazayo

Dylan Bettencourt

Umshayeli we-Alpha Tauri Formula 1 uPierre Gasly uthe ukhathazekile ngokuthi usezodinga izinduku ukuze akwazi ukuhamba ekubeni esemncane eneminyaka engu-30 ngenxa yokubhampa kwezimoto kakhulu ngesikhathi semijaho.

Igama elithi-porpoising libe sematheni kulo nyaka futhi lichazwa njengomoya ohamba ngaphansi kwemoto okudala ukuthi imoto idonseke uma igijima kakhulu.

Abashayeli abaningi bakhulume ngomthelela walento ekuphepheni kwabo nakuba abanye abashayeli bethi akubathinti nakancane.

Mhlawumbe umshayeli othinteke kakhulu nguLewis Hamilton othwale kanzima ephuma emotweni yakhe emqhudelwaneni i-Azerbaijan Grand Prix ngeSonto eledlule.

UGasly wengeze kulokhu okukhathaza uHamilton. Le akuyona impilo futhi lokhu kuyiqiniso.”

“Ngike ngaba neseshini ye-physio ngiya ngiphindelela ngenxa yokuthi umgogodla wami ububuhlungu. Lokhu kwenzeka ngenkathi sisemjahweni kanti umgogodla uvele ushise kakhulu.”

Isixazululo esilula samaqembu ukuphakamisa ubude bemoto ukusuka phansi, kodwa ukwenza lokho kunciphisa isivinini sokuhamba kwemoto ingakho bengakufuni.

“Iqembu liyangibuza ukuthi kumele yini imoto ilungiswe ngendlela ezosigcina siphephile? Nami ngicabanga ingozi engizibeka kuyo ngokudlala,” kusho uGasly.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 uthe uzimisele ngokudela impilo yakhe ngoba imiphumela iyingxenye yomsebenzi wakhe, kodwa unxuse isigungu esilawulayo ukuthi siguqule imithetho ukuze abashayeli baphephe.

“Yilokho esikuxoxile esithangamini sabashayeli sabazisa ngale nkinga futhi sazama ukubacela ukuthi bathole izisombululo ekutheni singagcini sihamba ngezinduku  sineminyaka engu-30 ubudala.”

Nakuba ekuqaleni bekunokukhathazeka ngokuthi ubuhlungu bukaHamilton kungase kumnike inkinga ukuthi angenele umqhudelwano we-Canadian Grand Prix kule mpelasonto, lo mpetha womhlaba osewine amahlandla ayisikhombisa uthe uzobe ekulungele ukungenela lo mqhudelwano.

Umthombo wesithombe: @Autosport

Izihloko zakamuva