Celani Sikhakhane
Onogada abathathu kanye namadodana amabili azalwa yimeya yase-Alfred Duma kumasipala wase-Ladysmith babekwe amacala amathathu okubulala.
Imeya uVincent Madlala nendodakazi yakhe nabo baboshiwe ngokuphazamisa uphenyo ngenkathi bezama ukunqanda amaphoyisa emzini wabo. Kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu emzini wakhe.
Onogada abathathu namadodana amabili emeya uSabelo kanye noSbonelo babekwe amacala okubulala uMncedisi Dladla, noDima Dladla kanye noNompumelelo Thwala ngonyaka odlule ngemuva kokuba laba ababulewe baye emzini kaMncedisi Dladla beyolanda imoto yakhe.
Ukuboshwa kwabo kwenziwe iqembu lamaphoyisa akwa-SAPS asebenza ngamacala okubulawa kosopolitiki.
Laba abathathu badutshulwa cishe bemi buqamama ngamakhilomitha amabili ngasemzini kaMadlala elokishini laseZakheni ngoNcwaba ngowezi-2020.
UDladla wake wasebenzela imeya engunogada, kodwa ngokuhamba kwesikhathi waba yilungu lombutho wezokuvikela kazwelonke (i-SANDF).
Imoto yalaba ababulawa yatholakala emzini kaMadlala ngemuva kwesonto elilodwa bebulewe.
USabelo benoSbonelo Madlala kanye nonogada abathathu uLethukuthula Khumalo, uThabiso Nkosi kanye noSiyabonga Sikhakhane – baboshwe ekuqaleni kwalenyanga ngokuhamba kwesikhathi bathola ibheyili eyizi-R10 000 umuntu eyedwa.
Ophethe amaphoyisa uThembeka Mbhele uthe abasolwa abahlanu bazovela enkantolo ngoLwesihlanu ngamacala okubulala.
Uphinde wathi amaphoyisa asathungatha omunye umsolwa osagcwele izinkalo. Igama lakhe nguMadoda Shelembe, sikhiphe umkomelo oyizi-R20 000 kuloyo ongase abe nolwazi lokuthi ucashephi.