Bakhale ngogqamcishi umengameli ethi ababilise amanzi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa evakashele e-Hammanskraal uzibonele ngawakhe ukuthi lezi zakhamizi zakule ndawo ehlaselwe isifo sohudo zibhekene nani.

Ubatshele ukuthi babilise amanzi ngaphambi kokuwaphuza ngenxa yesifo sohudo esidlule nemiphefumulo yabantu abangu-31 kuze kube manje.

Izakhamizi ziphendule ngombuzo wokuthi zizowabilisa kanjani amanzi ngaphandle kukagesi.

Ukuvakasha kukaMengameli bekumayelana nokuthi kuhlolwe umthelela wesifo sohudo kanye nokuxoxisana nezakhamizi ekutholeni izisombululo.

I-Hammanskraal iyisizinda sokubheduka kwesifo sohudo selokhu saqubuka ngenyanga edlule nokuyinto eholele ekushoneni kwabantu abangu-31 kanti iningi labo baqhamuka kuyo le ndawo.

Indawo yokuqala uRamaphosa aye kuyo i-Rooiwal Wastewater Treatment Plant osekunesikhathi kusolwa yona ngezinkinga zamanzi ezibhekene ne-Hammanskraal nakuba kungakahlonzwa ukuthi iyimbangela yokubheduka kwalesi sifo yini.

Ohambweni lwakhe uMengameli uthole ukuthi ngabe isimo sibe ngcono ukube ithenda ka-R295 million iphothulwe ngesikhathi.

Umasipala wase-Tshwane ubeke imali engaphezu kuka-R400 million yokulungisa eminyakeni emithathu ezayo kodwa imeya kamasipala uCilliers Brink uzwakalise isidingo sosizo kuMgcinimafa kaZwelonke.

Ngemuva kokuya e-Rooiwal uRamaphosa uye enkundleni yezemidlalo iTemba eyokhuluma nezakhamizi.

Ngesikhathi abantu bebuza ukuthi bazowabilisa kanjani amanzi ngaphandle kukagesi uMengameli uye wavumelana nezakhamizi ngalolu daba wathi kuzodingeka imali elinganiselwa ku-R4 billion ukulungisa i-Rooiwal Wastewater Treatment Plant.

Umemezele ukuthi i-Development Bank of Southern Africa (DBSA) izophatha lolu hlelo njengoba uBrink ekuqunisekisile.

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, wezokuBusa ngokuBambisana kanye nomasipala wase-Tshwane bazosebenzisana ukulungisa nokulula i-Rooiwal.

URamaphosa uxolisile kubantu base-Hammanskraal ngokwehluleka kukahulumeni ukubahlinzeka ngelungelo labo eliyisisekelo lokuthola amanzi ahlanzekile.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa e-Hammanskraal 

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva