Bakhale ngamazinga okubanda emdlalweni ye-squid 

Abaqhudelanayo ababambe iqhaza embukisweni wangempela emdlalweni ye-squid babhekane nenkinga yamazinga abandayo njengoba bebelwela ukuwina umklomelo omkhulu wemali.

Abakade bebambe iqhaza kuthiwa bebekhala becela usizo njengoba izinga lokushisa lehla laya ku-3C kubika I-Daily Mail.

Abadlali babike ukuthi bebezwa sengathi kuneqhwa elikhulu.

Lolu chungechunge lo mdlalo oluzinze e-United Kingdom belunabadlali abaningi abagulile ngesikhathi somdlalo wokuqala we-Red Light  ne-Green Light.

Lo mdlalo uneziqephu eziyishumi nabadlali abangu-456 abaqhudelana ngemali engu-R78-million nokuwumklomelo omkhulu kunayo yonke emlandweni kamabokude.

“Noma ngabe bebezwa amakhaza, kodwa abantu bebesazimisele ngokuhlala isikhathi eside ngoba kunemali eningi ezowinwa. Abaningi bebezimisele ngokunganyakazi bame endaweni eyodwa isikhathi eside,” kusho omunye wabadlali.

“Bekungathi indawo yempi. Abantu bebeqhutshwa ngodokotela futhi besingavumelekile ukukhuluma. Uma ukhuluma uyaphuma kanti abanye abantu bebengakwazi ukunyakazisa izinyawo ngoba bekubanda kakhulu.”

Lolu hlelo kubikwa ukuthi lunabadlali abavela emhlabeni wonke okubalwa iMelika ne-Australia.

Umdlalo we-squid othandwayo futhi ozondwa abaningi ubuwumdlalo wochungechunge olusha olubukwe kakhulu lwe-Netflix ngo-2021, olwadonsa ababukeli abayizigidi ezingu-142 ngenyanga yokuqala okuphinda kabili irekhodi langaphambilini elaliphethwe nguBridgerton.

Abakwa-Netflix nokho basazophawula ngenguqulo yempilo yangempela yochungechunge.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Indawo okudlalelwa kuyo i-Squid Game

Umthombo wesithombe: I-NBC News

Izihloko zakamuva