Bakhala ngowaseTshwane owehlulekayo ukukhokhela abahlinzeki 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Izinkulungwane zabagibeli e-Tshwane zifike sekwephuzile emsebenzini kanti abanye abakwazanga nhlobo ukufika lapho abebeya khona ngoLwesibili.

Amabhasi aye amiswa ngemuva kokuthi uMasipala wase-Tshwane wehluleke ukukhokhela inkampani ehlinzeka ngophethiloli.

Abagibeli balinde eziteshini zamabhasi ezinqamula kuleli dolobha kodwa akufikanga nelilodwa ibhasi. Bebengatshelwanga ukuthi amabhasi ngeke abe khona futhi ayikho enye into yokuthutha abahlinzekwe ngayo.

Akukhona okokuqala ukuthi abahlinzeki bezinsiza bengakhokhelwa, ngasekupheleni kwanyakenye abagibeli basala dengwane ngenxa yokungakhokhelwa kwabahlinzeka ngezinsiza.

Umgibeli uLovemore Nakai uthe uma ephelelwa umsebenzi kuzobe kungenxa kamasipala.

“Nginesexwayiso samazwi ngenxa yokufika sekwephuzile ngenxa yamabhasi abo ahlezi engekho. Namuhla ngoba ngingayanga emsebenzini kuzobe kubhalwe isexwayiso.

“Ngithenge ithikithi lenyanga futhi anginayo nhlobo imali. Kufanele okungenani basitshele kusenesikhathi ukuthi ngeke abe khona amabhasi ukuze senze ezinye izinhlelo,” etshela i-Scrolla.Africa.

Omunye obeya emsebenzini uMnu Maphuti Seroba uthe imeya iyehluleka ukwenza umsebenzi wayo.

“Sekungokwesibili kwenzeka lokhu. Kungani benza iphutha elifanayo lokungakhokheli abahlinzeka ngezinsiza? Kudingeke ngithathe i-uber ukuze ngiye emsebenzini,” esho.

“Kusobala ukuthi imeya nethimba layo bathola imiholo mahhala – abasebenzi!”

UMaphuti uthe abaphathi abasha bawubhidlizile lo masipala.

“Abazikhokheli izinkampani ezihlinzeka ngophethiloli, abawukhokheli u-Eskom, abayikhokheli i-Randi water kanti kwesinye isikhathi baholela abasebenzi sekwephuzile. Umphathi kumele athathe izintambo kumasipala.”

Okhulumela uMkhandlu wase-Tshwane, uLindela Mashigo uthe umasipala uyazisola ngokungatholakali kwamabhasi ngenxa yokushoda kukaphethiloli.

Uthe zonke iziteshi zikaphethiloli ezintathu azinalutho kulandela ukungalethwa kwamafutha ngabahlinzeki bawo.

“Okwamanje akukacaci ukuthi ukusebenza okujwayelekile kuzoqala nini. Kodwa-ke, umasipala uxoxisana nabahlinzeki bezinsizakalo ngethemba lokubuyisela ukusebenza kwe-TBS ngokugcwele nangokushesha,” esho.

Esithombeni esingenhla: Umgibeli osuka esiteshini samabhasi e-Sunnyside Pretoria njengoba kusamisiwe ukusebenza kwamabhasi ngenxa yokushoda kukaphethiloli

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva