Celani Sikhakhane
Usopolitiki osafufusa usole uNobhala we-ANC esifundeni seKwaZulu-Natal ngokumbalekela ngemuva kokuthi emqashe ukuthi aphrinte izikibha ezingu-200 zomcimbi.
UJabulisa Mchunu (23) ongumholi we-Congress of South African Students (Cosas) esifundazweni uthi uye waqashwa uXolani Luthuli ukuthi amhlinzeke ngama-golf shirts emcimbini we-ANC.
UMchunu uthi wonke ama-golf shirts angu-200 uwalethe kusenesikhathi engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC esifundeni i-Tolomane Mnyayiza ngoNhlangulana, kodwa kuze kube yimanje akakatholi mali ngokwenza lo msebenzi.
Lo mfundi uthi manje usesabela impilo yakhe futhi kudingeke ukuthi ahambe ekhaya ngoba ozakwabo ebhizinisini bacabanga ukuthi uqamba amanga ngokuthi akakakhokhelwa.
“Kudingeke ukuthi ngihlele ezinye izinto kozakwethu bebhizinisi ngethemba lokuthi ekupheleni kukaNhlangulana ngizobe sengikhokhelwe ukuze ngiqede zonke izikweletu enginazo,” kusho uMchunu etshela i-Scrolla.Africa.
Uqhube wathi uLuthuli akasazibambi izingcingo zakhe, uthi uma emshayela ucingo ngomakhalekhukhwini babanye abantu uLuthuli uyaliphendula ucingo bese eyaluvala uma ezwa ukuthi ngubani omshayela ucingo.
Imizamo ye-Scrolla.Africa yokuthola ukuphawula kukaLuthuli ayiphumelelanga. Uqale wavuma ukukhuluma kodwa ngokuhamba kwesikhathi uye waziba izingcingo ze-Scolla.Afrika wagcina engasayiphenduli nemiyalezo athunyelwa yona.