Sibonelo Zwane
Begqoke imvunulo yeqembu le-ANC, izikhulumi bezilandelana ziya esiteji ehholo lomphakathi e-Orlando zikhuluma ngeqembu elibusayo.
Kodwa lokhu bekufanele kube inkonzo yesikhumbuzo yabantu abangu-16 ababulawe endaweni yokucima ukoma iMdlalose e-Soweto ngoMgqibelo ebusuku, hhayi umhlangano wepolitiki.
Okubi kakhulu ukuthi i-EFF nayo ifike igqoke imvunulo yeqembu layo iphephezelisa amafulegi abomvu.
Izakhamizi eziphoxekile nezinezinhliziyo ezibuhlungu ziphume enkonzweni yesikhumbuzo eNomzamo esigcemeni se-16, zabiza lokhu ngomhlangano we-ANC.
Isakhamuzi ebesithukuthele uNontobeko Shandu (28) uthe lesi akusona isikhathi sokuthi amaqembu ezepolitiki akhankase.
“Silahlekelwe abafowethu nomakhelwane bethu lapha, abantu ebesabelana nabo isinkwa. Ukube i-ANC inendaba ngempela ngabe beze begqoke izingubo zabo ezijwayelekile bazoseseka, hhayi leli hlazo abalenza la.
“Bebephakamise izibhengezo zabo begqoke imvunulo yeqembu sengathi bekuyingqungquthela yesiyanqoba. Abayihloniphi imindeni yabashonelwe,” kusho uShandu.
USimthembile Jokazi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi osopolitiki abanamahloni.
“Kungani bafike bacula izingoma zomzabalazo ekubeni imindeni idinga amahubo, namazwi enduduzo kanye nezikhuthazo?
Ilungu lomndeni womunye wabashonile elingathandanga ukudalulwa igama, lithe akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokubekezelela la manyala enziwa amaqembu ezepolitiki ngoba osopolitiki bayabasiza ukuhlela imingcwabo.
“Asikwazi ukufundisa abantu abadala ukuziphatha, esikufunayo nje ukuthi izingane zethu zingcwatshwe ngesizotha kutholakale ababulali bazo, zonke lezi ezinye izinto azibalulekile kithina,” esho.
Ngesikhathi ithimba le-Scrolla.Africa lithinta uNobhala we-ANC esifundazweni uTK Nciza mayelana nokuziphatha kwabo enkonzweni yesikhumbuzo, uthe iqembu labo lihola abantu.
“Umphakathi uyawamukela, uyawuqonda, futhi uyawazi umsebenzi kaKhongolose. Yithina esihlele le nkonzo kodwa futhi ibivuleleke kuwo wonke umuntu. Ngisho noma iqembu lizama ukwenza okuhle nifuna ukusibuza imibuzo. Sivumeleni sizile ngokuthula,” kusho uNciza etshela izintatheli zethu.
Ngaphambi nje kokuthi inkonzo yesikhumbuzo iphele, iqeqebana lamalungu e-EFF litheleke kule ndawo licula futhi liphakamise amafulegi alo. Babengaculi izingoma zenduduzo, kodwa bebecula ezomzabalazo.
Eminye imindeni izongcwaba abathandiweyo bayo kule mpelasonto kanti eminye isalinde abangcwabi i-Avbob kanye nohulumeni ukuze baqinisekise imininingwane ethile.