
Celani Sikhakhane
Imiphakathi esemaphandleni eKZN elahlekelwe yikho konke ngenxa yezikhukhula zakamuva izizwa ishiywe ngaphandle njengoba isibonelelo sokusiza sigxile endaweni yaseThekwini.
Umphakathi wasoThukela, ikakhulukazi e-Bergville naseMnambithi, ulahlekelwe amakhaya ngenxa yezikhukhula ezibulale abantu abangaphezu kuka-450 ngesonto eledlule.
Iningi lalaba bantu basezindaweni ezijulile ezisemaphandleni asoThukela kanti izindlu zabo ezakhiwe ngodaka zigugulekile.
Bathi bazwile ngeminikelo nezinye izinsizakalo zikahulumeni nezinkampani ezizimele eziqondiswe ngqo ezindaweni zaseThekwini.
USindi Dube wase-Bethany e-Bergville esigcemeni sesi-15 utshele i-Scrolla.Africa ukuthi nabo bahlukumezekile njengabo bonke abakhahlanyezwe yizikhukhula.
“Ekhaya besinezindlu zodaka eziyisishiyagalolunye kanti zonke ziye zacekelwa phansi yizikhukhula. Siyafisa ukuthi kube khona noma ngubani ongenza njengoba benza eThekwini azosisiza ngoba silahlekelwe ngisho ukudla kanye nemifaniswano yesikole,” usho kanje.
Elinye ilungu lomphakathi lase-Woodford oKhahlamba, uXolile Thusini, lidalule ukuthi kusukela kufike izikhukhula ngesonto eledlule umphakathi wangakubo awukaluboni usizo lukahulumeni.
“Besinezindlu eziyisithupha ekhaya kodwa ezimbili zokuqala zacekelwa phansi yizikhukhula zangoNhlolanja, kanti ebezisele ezinamagumbi amathathu ebezakhiwe ngodaka zicekelwa phansi yizikhukhula zePhasika ngeledlule,” usho kanje.
“Isimo sinzima ngoba manje sesiphila ngaphansi kophahla lwesikhashana. Sizwa kuthiwa izinkampani ezinkulu nohulumeni banikela ngezigidi kubantu baseThekwini kodwa njengabantu basemakhaya sishiywe ngaphandle akekho okhuluma ngathi.
Ikhansela lasoThukela, uMnu Mthokozisi Khoza, uthe sebezamile ukufinyelela kweminye imiphakathi ngokunikela ngezingubo zokulala namaphasela okudla kodwa akwanele ngoba baningi abantu abalahlekelwe yizindlu.
Abahlali basezindaweni zaseThekwini eziqhelelene nezasemakhaya bakhala ngokuthi babona izikhulu zikahulumeni kumabonakude kuphela zikhuluma ngosizo oluyisimanga olungakaze lufike kubo.