Bakhala ngomphakathi ocekele phansi indawo yokungcebeleka 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

INkantolo yeziMangalo zezoMhlaba yenze umsebenzi wayo e-Prudhoe ngaphandle kwase-Port Alfred futhi abantu abafanele bathole umhlaba wokhokho babo.

Kodwa abahlomuli abafanayo okungumphakathi wase-Prudhoe bacekele phansi indawo yokungcebeleka ebiza izigidi zamarandi abayithola emhlabeni wabo.

I-Fish River Resort obekumele ikhulise umnotho womphakathi osogwini lwase-Prudhoe eqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka endaweni ethandwa izivakashi e-Port Alfred iphangwe abahlomuli bayo ngempelasonto.

Amalungu omphakathi wase-Prudhoe abehamba ngezimoto ezinama-trailer agasele endaweni yokungcebeleka athatha izitofu, iziqandisi, omabonakude, kanye nemishini ye-IT okuyimpahla yale ndawo yokungcebeleka ebiza izigidi zamarandi.

Sekuthathe umphakathi wase-Prudhoe cishe iminyaka engu-23 ukuthi uthole umhlaba owawunikezwe iNkantolo yeziMangalo zezoMhlaba.

Kuthathe izinyanga ezimbili nje kuphela ukuthi iqembu le-Prudhoe Community Trust liyicekele phansi.

Le ndawo ibinakho konke okulungile; iseduze nendawo yozokuvakasha edumile yase-Port Alfred kanye ne-Fish River Resort edumile.

Kwahlelwa isitudiyo samafilimu kanti ngaleso sikhathi abakhiqizi bakhetha indawo yokuqopha uchungechunge lwakumabonakude i-Survivor SA.

Imali engenayo evela endaweni yokungcebeleka iyodwa nje ingakhipha abahlomuli okungumphakathi wase-Prudhoe ebuphofini.

Ngabe konakale kuphi?

Kubukeka sengathi konke konakele.

Indawo yokungcebeleka inikwe umphakathi wase-Prudhoe ngoNhlangulana nyakenye ngemuva kwengxabano yasenkantolo phakathi komphakathi wase-Prudhoe nowaseMazizi.

Le ndawo yadluliselwa ngokusemthethweni kwi-Prudhoe Community Trust ngomhlaka-21 kuNdasa ngo-2021.

Esivumelwaneni sokuqashisa nokutshalwa kwezimali esiphethwe i-Legal Resources Centre, i-Prudhoe Community Trust yanikeza inkampani i-MahalaX ilungelo lokuphatha le ndawo yokungcebeleka.

Okhulumela amaphoyisa uBrig Thembinkosi Kinana uthe isigameko sangoMgqibelo senzeke emini kabha kwagqekezwa wonke amagumbi akule ndawo.

“Izindawo zamahhovisi ziphinde zagqekezwa kwebiwa wonke amakhompyutha nama-projektha,” kusho uKinana.

“Ikhumbi ye-Quantum icekelwe phansi. Umonakalo owenzekile uma kuhlanganiswa nempahla eyebiwe ulinganiselwa ezigidini zamarandi.”

Ezinye zezimpahla ezebiwe zitholwe zifihlwe ehlathini eliseduze kanti uFuneka Xawuka (29) uye waboshwa ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Peddie ngoLwesibili. Icala lihlehliselwe uLwesithathu ukuze kulalelwe isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

Esithombeni esingenhla: Izinkundla ezigetshengwe endaweni yokungcebeleka ebiza izigidi zamarandi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva