Bakhala ngomholi we-ANC obandlululayo

Celani Sikhakhane

Umholi we-ANC eGoli usolwa ngokubandlulula ngemuva kwezinsolo zokuthi uphakamise ukuthi kukhethwe abasuka KwaZulu-Natal kuphela ukuhola isifunda saseGoli.

UPretty MaMkhize Xaba ususe umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi kuputshuzwe ucingo oluyimfihlo ku-Twitter olumayelana nobuholi bakhe abufunayo.

Kulolu cingo oluqoshiwe, uXaba uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngokuthi kubukeka sengathi bahlulekile ukuba namalungu amaningi Amabheshu noma avela eKZN ebuholini besifunda.

“Uyabona ukuthi lento imayelana nezifundazwe. Okungenani sineQabane uSimon Motha othembisile ukuthi uzonxenxa ukuthi kuqokwe abaningi abangaMabheshu njengamalungu esifunda,” uXaba uzwakala esho njalo ocingweni.

Kodwa-ke, yilokho akushoyo okulandelayo okususe intukuthelo enkulu.

“Omunye umlisa okuthiwa uSihle angimthembi lowo. Akalona Ibheshu. Okungenani sinoDada Morero unina wakhe ngowase-Bergville. Naye ukhulele eThekwini.”

Amabheshu achazwa njengabaholi bezindawo ezisemakhaya eKZN ababuye babizwe ngokuthi ngaMabhinca.

Lo myalezo ucasule abaningi abafake lolu daba ekhasini le-ANC laku-Twitter.

Eminye imibhalo ize yaveza nokuthi i-ANC ikhungethwe ubandlululo.

UYesu Murena, ofake lokhu okuqoshiwe, uthe iqembu elibusayo selingenwe imikhuba yabantu be-IFP abazenza amalungu e-ANC.

UXaba waduma ngo-2006 ngesikhathi eseka owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ecaleni lakhe lokudlwengula ayelivulelwe nguKhwezi Ntsukela Kuzwayo.

Wadonsa amehlo abezindaba ngesikhathi eguqa phambi kwenkantolo nsuku zonke eshisa impepho ecela amadlozi kaZuma ukuthi amvikele.

Waklonyeliswa ngesihlalo ePhalamende ngo-2009 futhi manje useyilungu lesiShayamthetho saseGoli elimele i-ANC.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lona bekuwumkhankaso wokumnyundela ngenxa yokweseka kwakhe uZuma.

“Yiluphi ubandlululo abakhuluma ngalo? Kukhona yini ocingweni lapho engikhuluma khona ngamaZulu? Amabheshu yiqembu lethu lesitokofela elakhiwe izizwe ezahlukene okubalwa kuzo amaZulu, amaXhosa, abeSuthu – empeleni lakhiwe ngabantu abavela ezifundazweni ezahlukene. Ngiphatheke kabi ngoba umuntu owenze lokhu unqume ukuqopha okuthile ocingweni ukuze aqhube umkhankaso wokungihlambalaza,” esho.

Okhulumela i-ANC, uMnu Pule Mabe, akatholakalanga ukuba aphawule. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Izihloko zakamuva