Bakhala ngokuxoshwa ezibhedlela abaphila nebala elimhlophe

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Abantu abaphila nebala elimhlophe e-Zimbabwe abanomdlavuza wesikhumba abakutholi ukwelashwa njengoba bexoshwa ezibhedlela.

UBrenda Mudzimu ongumsunguli we-Albinism Dare to Dream Initiative uveze ukuthi abagcini nje ngokujikiswa, kodwa iningi alikwazi ukuba nemali eyanele ukuthenga into yokugcoba ezobavikela elangeni.

Njengoba abantu abaphila ne-albinism beshoda nge-melanin ebangela umbala omnyama wesikhumba iphinde ibavikele kwimisebe yelanga, basengozini enkulu yomdlavuza wesikhumba.

Abantu abahlwempu abaphila ne-albinism banikezwa izincwadi ukuze bathole usizo lwezempilo futhi akufanele baxoshwe ezibhedlela ngokusho kukanobhala woMnyango wezeMpilo, uDkt Gerald Gwinji.

Kodwa lezi zincwadi ngokusobala abazinaki abasebenzi basesibhedlela.

Kubantu abaphila nebala elimhlophe, le inkinga enkulu kakhulu.

“Iningi labantu abaphila ne-albinism alisebenzi futhi libhekene nezingqinamba ngenxa yezinkinga zomnotho ikakhulukazi izinkinga zomdlavuza,” kusho uMudzimu.

“Babulawa umdlavuva abaqashwa ezindaweni zokusebenza futhi bayacwaswa.”

UMudzimu naye ophila nebala elimhlophe uthe kunzima ukuthi bathole okhilimu bokuvikela ilanga esikhumbeni sabo esibucayi.

“Ukuhlala elangeni ngaphandle kokuzivikela ngokhilimu obizwa nge-sunscreen kubangela amabhamuza nokukhula kwezilonda ngenxa yokuzwela kwezikhumba zethu futhi kuholela kumdlavuza uma ungelashwa.”

Ibhodlela lokuvikela ilanga libiza cishe u-R270. Umuntu one-albinism udinga amabhodlela amabili okuvikela ilanga ngenyanga futhi lokho kunzima kubantu abaningi base-Zimbabwe.

UTambudzai Manungo uthe njengomuntu ophila nebala elimhlophe, “izibhedlela azihambisani nezidingo zethu. Ngenxa yokuthi asikwazi ukukhokhela usizo lwezempilo siyaxoshwa.” Uthe abasebenzi basesibhedlela bamcela imali kwathi uma engenayo kwathiwa akahambe.

UMudzimu uthe inani eliphezulu labantu abaphila nebala elimhlophe abavela ezifundazweni abeza e-Harare bedinga usizo lodokotela bagcine belala emaphaseji ezibhedlela zase-Parirenyatwa bengalutholi usizo. 

Osesithombeni esingenhla uBrenda Mudzimu

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva