Bakhala ngokuxhoshwa isikhungo sokuqeqeshwa ngamakhono 

Lubhalwe nguSibongile Nonyana noCelani Sikhakhane

Bakhala bayazithulisa abafundi abebeqeqeshwa isikhungo esizimele esise-Pinetown eThekwini njengoba sekuphele izinyanga ezintathu singabanikezi imali yesibonelelo.

Laba bafundi baqeqeshwa isikhungo i-MTL Training and Projects Skills Development. Baqeqeshwa emikhakheni eyahlukene okubalwa owezolimo nokwakha.

Omunye wabafundi ocele ukungadalulwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imali ababethenjiswe yona iyisibonelelo sika-R2000 njalo ngenyanga.

“Kusuka ngoMbasa asiyitholi le mali. Kunalokho silokhu sithenjiswa ukuthi izofakwa ngoLwesihlanu. Sekuze kwayimanje sitshelwa ngoLwesihlanu kodwa kugcine kungenzekanga. Izimpilo zethu zimile kanti sesilahlekelwe nayithemba lokuthi iyophela iminyaka emibili sisayiyona yini ingxenye yalesi sikhungo,” kubalisa lo mfundi.

Abanye abafundi baveze nokuthi kulolu qeqesho lwabo bafundiswa ukuziqalela awabo amabhizinisi.

I-Scrolla.Africa senze yonke imizamo ukuxhumana nabe-MTL Training and Projects Skills Development. 

Nokho abatholakalanga ngoba nenombolo abayifake kusizindalwazi yabo ayisebenzi kanye ne-email ayisebenzi.

Omunye wabasebenzi bakulesi sikhungo okuthiwa uMnuz Thami Mbelu unqabile ukudedela izinombolo zabaphathi besikhungo.

“Okokuqala uyithathephi inombolo yami? Engingakutshela khona ukuthi angizukukwazi ukukunikeza inombolo ngoba angifuni ukuzithola ngisenkingeni. Okunye angikho emsebenzini kulezi nsuku ngisekhefini,” kusho uMbelu.

Kusizindalwazi sakulesi sikhungo kuvela ukuthi sisebenza neminyango eyahlukene kaHulumeni kanye nezinkampani ezizimele.

Izihloko zakamuva