Bakhala ngokusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni

Everson Luhanga noBuziwe Nocuze

Abafundi bazinikele ezidakamizweni, ophuzweni oludakayo nasekugembuleni  ezikoleni zamabanga aphezulu e-Delft, eKapa, e-Alexandra kanye naseGoli kodwa othisha bayesaba ukwenza okuthile ngakho.

Isimo sibukeka sisibi kakhulu esikoleni samabanga aphezulu i-Leiden e-Delft kanti othisha bakhetha ukukushaya indiva okwenzekayo ngoba benovalo lokuthi amasondo ezimoto zabo azoqhunyiswa.

Umzali utshele i-Scrolla.Africa ukuthi iqeqebana labafundi liletha izidakamizwa notshwala esikoleni.

“Abagcini ngokubhema izidakamizwa kodwa bayazidayisa,” kusho umzali.

“Okubuhlungu ukuthi abazali bezingane abazi ngakho konke lokhu. Sidinga umnyango ungenelele ngaphambi kokuthi sizisole.

Abazali bakholelwa ukuthi ukusesha abafundi ngaphambi kokuthi bangeniswe emagcekeni esikole kuzosiza ukuxazulula inkinga.

“Yekani abanakekeli baseshe abafundi ngaphambi kokuthi bangene emagcekeni esikole. Asikwazi ukulinda amaphoyisa enze lezi zinto ngoba amatasa nobugebengu,” kusho omunye umzali.

Umfundi owenza umatikuletsheni okhulume ne-Scrolla.Africa ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa uthe uma labo bafundi abangenanhliziyo bezwa ukuthi kunomuntu obikele uthishanhloko, lowo muntu engagwazwa.

“Lokhu abakwenzayo akulungile futhi kubeka izimpilo zethu engcupheni kodwa akukho esingakwenza,” kusho umfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape uBronagh Hammond, uthe sekuthintwe uphiko lwezikole olufundisa ngezokuphepha.

“Iziqondiso zethu ezisheshayo zinikeza amandla achazwe ngokucacile okuqhuba uphenyo lwesikole nokushaqa okungafanele. Umthetho wethu usinikeza ilungelo lokusesha nokubamba ngezinsolo ezifanele hhayi ngobufakazi bodwa.”

Khonamanjalo, esikoleni samabanga aphezulu sase-Alexandra abanye abafundi bagembula ngamadayisi besebenzisa amadeski njengetafula labo ngesikhathi abanye bethengisa izidakamizwa emagcekeni esikole.

UVincent Ndima oyisishoshovu se-Alexandra Safer Schools, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akuzona izigameko zokuqala lezi abazibonayo. “Izigameko ezifana nalezi sizibikile eMnyangweni wezeMfundo ezingeni lesifunda kanti akukho zinyathelo ezithathwayo,” esho.

UNdima uthe umphakathi ubambisene nezinhlaka zomthetho ngokugasela ngaphandle kokubika – ukuze bathole izidakamizwa ezidayiswa esikoleni.

“Esikuthola kubafundi kuyashaqisa,” esho. “Ngesikhathi sokusesha okunjalo sithola izidakamizwa, izikhali eziyingozi nezinye izinto ezingagunyaziwe.”

UMnyango wezeMfundo e-Western Cape, usubike amacala angu-88 esigungwini esingaphansi kwe-Safe Schools sabafundi abaphethe insangu emagcekeni esikoleni, amaphilisi e-Xanax kanye namacala angu-12 ahlobene notshwala.

Abafundi abadinga ukwesekwa kanye nosizo ngokusebenzisa izidakamizwa bangashayela inombolo yocingo yoMnyango we-Safe Schools e-Western Cape ku-0800 454 647.

Izihloko zakamuva