Bakhala ngokuntuleka kwamanzi esikoleni samabanga aphansi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Abafundi kanye nothisha baphoqeleka ukuthi baphathe amabhakede amanzi uma beya endlini yangasese esikoleni samabanga aphansi i-Sediba sa Thuto e-Mamelodi East, e-Tshwane.

Lesi sikole sinamathangi amabili amanzi kodwa sekuphele izinyanga ezimbili engenawo amanzi.

Umzali uThulani Mabena uthe ngenxa yale nkinga ezinye izingane kudingeke ukuthi zihlale emakhaya ukuze isikole songe amanzi.

UMabena uthe inkinga bayidlulisile ekomitini elilawula isikole kanye nekhansela lesigceme kodwa akukho okwenziwe.

“Usihlalo weKomiti eliLawula Isikole, walwa nekhansela wase esitshela ukuthi ngeke ayocela amanzi ekhanseleni elizikhukhumezayo. Ukuxabana kwabo kushiye izingane zethu zisesimweni esingahlanzekile,” esho.

“Akekho umuntu onentshisekelo yokuxazulula inkinga. Isikole asisho lutho. Lokhu angeke kulunge. Kunomuntu okumele enze umsebenzi wakhe.”

Akukhona okokuqala lesi sikole siba ematheni ngezizathu ezingalungile. Ngaphambi kwamaholidi kaNhlangulana abazali bavale isikole ngenxa yokugcwala kwabafundi.

Ikhansela laku ward-97 u-Ananias Mogalusi, uthe usonkontileka uzoqala umsebenzi wokulungisa ipayipi elinenkinga maduze nje. Ucele abazali ukuthi babekezelele umasipala ngesikhathi usalungisa le nkinga.

“Akusona isikole kuphela esithintekayo, kunemigwaqo engenamanzi kanti sesibanike amathangi amanzi njengoba sixazulula lolu daba. Usonkontileka ubelinde i-excavator ezoqala umsebenzi maduze nje,” esho.

“Inkinga ingeyesikhashana futhi senza isiqiniseko sokuthi nakuba ingekho ingcindezi emapayipini kodwa sihlinzeka izingane ngamanzi ukuze ukufunda kuqhubeke.

Esithombeni esingezansi: Amathangi amanzi esikoleni samabanga aphansi i-Sediba sa Thuto.

Umthombo wezithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva