Bakhala ngokuntuleka kwamanzi eGoli 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Izakhamizi zaseGoli ezingxenyeni eziningi zedolobha zihlalele ovalweni futhi zikhungathekile njengoba kunqanyulwe amanzi ngoLwesithathu ebusuku ngaphandle kwesixwayiso.

Ohlangothini olusentshonalanga yedolobha izakhamizi zijwayele ukungatholi amanzi njalo. Kodwa ukunqanyulwa kwamanzi okuqhubeke kwaze kwaba ngoLwesine ekuseni – nangale kwalokho – bekungokokuqala ngqa kuhlasela ezinye izindawo.

Ngokwesitatimende esiphuma ehhovisi lemeya, ukungasebenzi kwephampu esiteshini sephampu i-Elkenhof kudale amazinga aphansi kakhulu omfutho wamanzi emadamini amaningi edolobheni lonke.

Ukushoda kwamanzi kwenze izakhamizi zathola enye imithombo yamanzi. Abaningi baphoqeleke ukuthi bame ulayini amahora amaningi ukuze bagcwalise amabhakede kunoma iyiphi imithombo yamanzi etholakalayo okubalwa kuwo nezindawo zokuwasha izimoto.

Isimo besisibi kangangokuthi ngisho namabhizinisi endawo aye athinteka okubalwa kuwo izitolo zokudla ezifana nezindawo ezidayisa amakota, kanti amanye amabhizinisi amaningi avaliwe. Umnikazi wendawo edayisa amakota uthe, “Angikwazi ukwenza ama-chips ami ngaphandle kwamanzi ngidinga ukuwagcina ehlanzekile. Ngaphandle kwamanzi azobola noma abe nsundu.”

Lesi simo sidale eminye imibuzo mayelana nokuphepha kokuphakelwa kwamanzi eGoli ikakhulukazi njengoba kusanda kuqubuka isifo sohudo esihlasele izakhamizi eziningi.

Isimo sisaqhubeka njengoba amanzi ephuma ezindaweni ezimbalwa okubalwa i-Yeoville, i-Kensington, i-Bezuidenhout Valley, i-Bertrams, i-Jeppe, kanye naphakathi edolobheni laseGoli.

Ukusiza labo abangenawo amanzi, i-Johannesburg Water ifake amaloli amanzi azulazula ezindaweni ezahlukene edolobheni lonke.

Nakuba isimo singesihle izakhamizi zinethemba lokuthi maduze kuzokwenziwa isixazululo esiwunomphela ukuze kuqinisekiswe ukuthi izidingo zabo eziyisisekelo ziyahlangatshezwa.

Esithombeni esingenhla: Amabhakede agcwele amanzi eGoli

Umthombo wesithombe: Khaya Ndaba

Izihloko zakamuva