
Joseph Chirume
Abaphathi be-Zimbabwe Exemption Permit (ZEP) babhekane nenqwaba yezinkinga.
Ngonyaka odlule batshelwa ukuthi izimvume zabo ngeke zivuselelwe, kodwa banikezwa umusa wezinyanga ezingu-12.
Manje uMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha e-Gauteng uyenqaba ukuvuselela amalayisensi abo okushayela izimoto.
Lokhu kulandela umnyalelo oshiwo uMnyango ukuthi kungavuselelwa amalayisensi okushayela kanye nama-disc ezimoto zabantu base- Zimbabwean abanezimvume eseziphelelwe isikhathi.
Abaningi abane-ZEP asebephelelwe isikhathi bangase balahlekelwe imisebenzi uma bengenazo izincwadi zokushayela ezisebenzayo.
UKelvin Mukono, oyisifundiswa kwezokuthutha, uthe usesebenze iminyaka engaphezu kweshumi kanti i-disc yakhe yemoto isanda kuphelelwa isikhathi.
Ngesikhathi eya eMnyangweni Wezomgwaqo eyoyivuselela, watshelwa ukuthi ngeke akwazi ngaphandle uma enemvume esemthethweni.
Emgwaqeni, iziphathimandla zimnika isexwayiso mihla namalanga sokuthi zizombopha uma etholakala eshayela ngaphandle kwe- disc yemoto esemthethweni.
Omunye osebenzisa i-ZEP, onqabile ukuthi sidalule igama lakhe, uthe umphathi wakhe ufuna ilayisensi yokushayela esemthethweni uma efuna ukuqhubeka nomsebenzi.
“Ngingumphathi ohlola imishwalensi. Ngihamba izindawo eziningi ngiyophenya ngezicelo zokukhokhelwa kodwa manje ngihlezi ekhaya ngemuva kokuthi ilayisensi yami iphelelwe isikhathi futhi abafuni ukuyivuselela,” kusho oqhamuka kwelinye izwe.
UMargaret Phalane, ongumqondisi wokubhaliswa kwezimoto kanye nokunikezwa kwamalayisensi, uthe uNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi akazange awufake uMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha ngesikhathi enikeza abantu base-Zimbabwe isikhathi somusa esiyizinyanga ezingu-12 sokuthi kushintshwe isimo sezimvume zabo.
“Ziyaziwa izinhlangano okumele zinikeze usizo kulabo abanamaphemithi njengezinkampani, izikhungo zemfundo, amabhange nabaqashi. Umnyango wethu awungeni ngaphansi kwenhlangano esohlwini,” kusho u-Aaron.
Wengeze ngokuthi i-National Road Traffic Act ayikuvumi ukuvuselela ilayisensi yemvume ephelelwe isikhathi.
USihlalo wenhlanganiso ye-Zimbabwe Migrants Support Network, uMnu uChris Mapingure uthe izinkulungwane zabantu abaqhamuka e-Zimbabwe bazolahlakelwa imisebenzi ngenxa yalesi sinqumo.
Uthe, “Simangele ukubona uMnyango kahulumeni wenqaba umyalelo kaNgqongqoshe omkhulu.”