Bakhala ngokungasebenzi kwamabhizinisi ngenxa yokuhamba kukagesi

Zukile Majova

Cishe wonke umuntu waseNingizimu Afrika unokuthile angakusho mayelana nokungasebenzi kahle kwabaka-Eskom nokuthi lokho kuzithinte kanjani izimpilo zabo.

Njengoba u-Eskom ememezela ukucishwa kukagesi kweSigaba sesine isonto lonke njengoba kuqala ubusika, umqondo wami uvele waqonda ngqo ekutheni ukucima kukagesi kuyiphazamise kanjani impumelelo yebhizinisi lami elincane kule minyaka eyisikhombisa edlule.

Lena indaba yami.

Sekuphele iminyaka eyisikhombisa ngizama ukukhulisa ibhizinisi lokuhlanza izingubo edolobheni elincane futhi nginombono wokuvula uxhaxha lwezindawo zokuhlanza izingubo emadolobheni amancane ase-Mt Frere, e-Mt Ayliff kanye nase-Qumbu e-Eastern Cape.

Ngavula indawo yami yokuhlanza izingubo yokuqala ngo-2015 e-Mt Frere futhi u-Eskom waqala ukungiphathisa ngekhanda ngokushesha.

Indawo yokuqala yokuhlanza izingubo i-Bilad al-khayr ibisenkabeni yedolobha KwaBhaca endaweni lapho u-Eskom wawuhlulwa khona empini yokulwa nogesi oxhunywe ngokungemthetho.

Ngo-2017 ngathuthela ibhizinisi egcekeni elincane lesitebele edolobheni eliku-Canca Street ngemuva komgwaqo omkhulu kodwa inzuzo yawa kwangiphoqa ukuthi ngithuthele ibhizinisi endaweni engcono ngemuva  kwase-Standard Bank.

Kodwa edolobheni elincane elisetshenziswa imiphakathi yasemaphandleni, ngokuvamile abahlali abazilethi izingubo zabo endaweni yokuhlanza izingubo uma amanzi engekho noma kusebusika.

Ngenxa yalokho, ibhizinisi lisebenza kakhulu ebusika futhi uma kubanda ibhizinisi lisebenza kahle kakhulu.

Kodwa uma udinga ugesi kakhulu, u-Eskom ucisha ugesi okungathatha amasonto nezinyanga ebusika, bethi umthamo wabo wokuphehla usengozini.

Ukucishwa kukagesi isikhathi esingaphezu kwamahora amane ngosuku kuphoqe izindawo zokucwala izinwele, izindawo zokugunda izinwele, izindawo zokudlela nezindawo zokuhlanza izingubo ukuthi zinciphise abasebenzi futhi zivale izitolo ngoba zilwela ukukhokha imali yerenti noma ukuholela abantu.

Odabeni lwethu siqhamuke namasu amasha okugcina ibhizinisi lisebenza okuhlanganisa nokuthuthela eminye imishini kwiverandi wekhaya lakithi e-Mvuzi ukuze sikwazi ukuneka izingubo kulayini ngaphandle uma libalele, songe ugesi kancane.

Siphinde sabelana ngendawo yethu yokudayisa nochwepheshe bezinzipho ukuze sihlukanise imali yerenti kodwa ukucisha kukagesi kusho ukuthi silahlekelwa imali ngesikhathi esimatasa kakhulu sonyaka.

Futhi manje njengoba nophethiloli uhlale uphezulu ngaso sonke isikhathi, ukusebenzisa imishini yokuwasha neyokomisa ngejeneretha kaphethiloli kunzima kakhulu .

Izihloko zakamuva