Bakha izinkundla zezemidlalo ezahlaba umhlaba wonke umxhwele kodwa manje laba basebenzi abavela eNtshonalanga ye-Afrika bathi basale bengenamisebenzi ezinsukwini eziyikhulu ngemuva kweNdebe yoMhlaba yase-Qatar.
Lo mqhudelwano wathi abasebenzi bawo bazobhekelelwa ngemuva kweNdebe yoMhlaba kodwa lokho akwenzekanga, kubika i-The Guardian.
Idlanzana labasebenzi abakaze bahole selokhu i-Argentina yaphakamisa isicoco ngoZibandlela.
Abasebenzi baphoqeleke ukuthi bacele imali emakhaya abo e-Afrika.
“Sekuphele izinsuku ezimbili ngingadli,” kusho omunye umsebenzi wase-Guinea ongakaze asebenze kusukela kuphele iNdebe yoMhlaba.
Omunye umsebenzi uthe: “Kuyahlekisa, akunjalo? Sisezweni elicebe kakhulu emhlabeni kodwa sicela imali e-Afrika.”
I-Qatar ibekezelele ukugxekwa okukhulu ngezimo ezihlukumezayo abasebenzi abaningi ezweni ababebhekane nazo okuhlanganisa ukwebiwa kwemiholo, izimali zokuqasha ngokungemthetho kanye nokulimala noma ukushona ngesikhathi bakha izinkundla zezemidlalo nengqalasizinda.
“Bengijwayele ukudla kathathu ngosuku ekhaya kodwa lapha kunzima ukudla ngisho nakanye ngosuku. Bengilokhu ngishayela ucingo abangani bami base-Nigeria ngibacela ukuthi bangisize. Selokhu ngafika kulelizwe angikaze ngihole nakanye. Sonke siyazisola ngokuza lapha,” kusho umsebenzi wase-Nigeria.
Onogada baphinde bagqamisa izinkinga zabo zezimali ngemuva kweNdebe yoMhlaba njengoba abanye bethola u-R8 kuphela ngehora.
“Isimo sesisibi kakhulu. Manje bayasijezisa,” kusho omunye unogada.
Onogada bathi ngaphambi nangesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba bake baphathwa ngendlela ehlukumezayo okuhlanganisa nokukhokhelwa isikhathi esengeziwe ngemali engaphansi kwesilinganiso esisemthethweni.
“Angijabule kodwa ngeke ngikwazi ukubuyela emuva ngoba ngizobe ngingenamsebenzi. Nginomndeni,” kusho omunye unogada.
“Siyaxhashazwa kodwa akukho esingakwenza.”
Ihhovisi lezindaba zamazwe ngamazwe lase-Qatar elifana nezinye izinhlangano ezinkulu liziphikile lezi zinsolo lathi lidalele abasebenzi ifa.
“Ifa leNdebe yoMhlaba yanyakenye emakethe yezabasebenzi yase-Qatar licacile kubo bonke abantu,” kusho okhulumela leli hhovisi.
“Abasebenzi abaningi bahlomulile kulezi zinguquko njengokususwa kwezimvume zokuphuma kanye nenkululeko yokushintsha imisebenzi, ukwethulwa kweholo eliphansi lokuqala elingacwasi, ukwenziwa ngcono kwamazinga ezempilo nokuphepha kanye nokufinyelela okungcono kwezobulungiswa.”
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Abasebenzi beNdebe yoMhlaba yase-Qatar
Umthombo wesithombe: FIFA