Bakhala ngokulinda umnyama ongenafu abathenjiswa izindlu

Lubhalwe nguLungi Langa

Uhlelo lwaseThekwini olwasungulwa owayeyiMeya uZandile Gumede lokuhlinzeka ngezindlu emindenini engaphezu kuka-800 lubukeka lushabalele njengoba le ndawo isiyisizinda sezidakamizwa.

Umsebenzi wokwakhiwa kwezindlu zaseMbhayi ngo-R120 million oThongathi wama eminyakeni emithathu edlule. Abahlali asebelinde iminyaka emihlanu ukuthi bangene kulezi zindlu, bashiywe ngaphandle emakhazeni ngaphandle kwezizathu noma incazelo.

Lolu hlelo lwethulwe nguGumede ngo-2017. Ngokusho kwezakhamuzi, zithi zatshelwa ukuthi bazohlala kule ndawo isikhathi esingaphezu konyaka nesigamu.

Olindela izakhiwo zesikhashana ezakhiwa uMasipala ukuze zihlalise abantu abasalinde izindlu zomxhaso.

Omunye wezakhamuzi, uMnuz Nandi Mzeleku (41) uthe sebelahlekelwe yithemba njengoba sebenesikhathi belinde usuku lokuthutha.

UMzeleku ongumama wezingane ezimbili ubehlala emjondolo onekamelo elilodwa. Wajabula ngesikathi betshelwa ukuthi bazosuswa ukuze kwakhiwe izindlu zomxhaso.

“Wonke umuntu ufuna ukuba nomuzi onamanzi aphuma empompini nazo zonke izidingo. Asizange sibe nandaba nokuthuthela kulendawo yesikhashana. Manje mihla namalanga sibona imilutha yezidakamizwa zihlala kulezi zindlu obekumele kube yimizi yethu,” kusho uMzeleku.

Uthe uma lina indawo abahlezi kuyo igcwala amanzi. Futhi le ndawo incane kunzima ukuthi ngihlane nezingane zami ezimbili, ezineminyaka eyishumi nengu-13 ubudala.

UDerrick Thusi (52), ongubaba wezingane ezimbili uthe bahlala emjondolo onekamelo elilodwa ngethemba lokuthi bazoba nekhaya.

“Siphatheke kabi ngokubona okwenzekayo manje. Kumanje sesihlale kule ndawo iminyaka emihlanu,” kusho uThusi.

Ikhansela le-DA endaweni, uMnu Zamani Khuzwayo, uthe iqembu labo selibhalele izikhulu zezezindlu kulo masipala licela uhlu olusemthethweni lwabalinde izindlu.

“KuNdasa nyakenye sabhalela ikhansela Philani Mavundla, owayeyiPhini leMeya noSihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu nengqalasizinda, sicela ukuthi ikomidi libhekisise lolu daba ngokushesha,” kusho uKhuzwayo.

Ividiyo ethathwe uKhuzwayo ikhombisa isimo se-block eyodwa eyaqedwa ukwakhiwa, kodwa kucekelwa phansi amawindi, izindlu zangasese, izicabha nezinye izinsiza ezafakwa.

Umphathi wezokuxhumana kuMasipala weTheku, uNksz Lindiwe Khuzwayo, uthe kulindeleke ukuthi kuqokwe usonkontileka ngasekupheleni kwalo nyaka.

“Ingqalasizinda yohlelo lwezindlu zaseMbhayi isiqediwe ezindaweni ezingu-250. Kulindeleke ukuthi kuqokwe usonkontileka ngoMfumfu.”

“Osonkontileka abasezingeni eliphezulu baqokwa kusenesikhathi, kwadingeka ukuthi bamiswe ukuze kuqedwe imisebenzi. Manje njengoba umsebenzi uqhubeka kumele kuqhutshekwe nesakhiwo esiseqophelweni eliphezulu.”

Isithombe esingenhla: Uhlelo lwezindlu ezazithenjiswe izakhamuzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva