Bakhala ngokuhlukunyezwa amaphoyisa kanye nomphakathi

Buziwe Nocuze

Abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle baqoqa izinto zabo futhi bayaphuma emalokishini aseKapa njengoba amaphoyisa, izigebengu kanye namakhansela benza izimpilo zabo zibe nzima.

Abanikazi bezitolo bayahamba e-Khayelitsha, eGugulethu kanye naseNyanga ngenxa yezinsolo zokuqolwa ngamaphoyisa kanye nabanye abantu ababathumbayo bese befuna ukukhokhelwa imali.

Ithimba le-Scrolla.Africa likhulume nabanikazi bezitolo abaningana abaphuma emazweni angaphandle emalokishini aseKapa abathi bahlalele ovalweni ngenxa yokuqolwa yizigebengu, amaphoyisa, abaqaphi bendawo kanye namalungu athile omphakathi.

U-Al Ahmed, ongumnikazi wesitolo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sekunzima kuyena kanye nabanye abantu abaningi abangebona abakuleli ukuthi baqhube amabhizinisi, ikakhulukazi emalokishini.

Uthe baphathwa kabi futhi abantu babaphoqa ukuthi bakhokhe imali nsuku zonke.

Nsuku zonke sivakashelwa abantu abahlukene abafuna imali nanoma yini abayifunayo ezitolo.

“Uma umnikazi wesitolo othile enqaba ukubanikeza abakufunayo, kuthatha izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi sizwe indaba esabekayo yokuthunjwa kwakhe kanye nemali efunakalayo yokumhlenga,” kusho u-Al Ahmed.

Uthe njalo uma kunento eyenzekayo emphakathini njengemingcwabo noma imicimbi yokugubha okuthile, abantu bendawo bayafika bezocela iminikelo “uma sinqaba basisabisa ngokuthi bazosidubula sishone.”

Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi abagcini ngokufuna imali kubona kodwa baphinde bebabize ngamagama alulazayo, bebasabise baphinde bebathuke.

Omunye umnikazi wesitolo ocele ukungadalulwa igama uthe abakwazi ngisho ukugijima noma bashayele amaphoyisa ngoba baphinde bahlukunyezwe yiwo amaphoyisa abafuna imali.

Amaphoyisa afika ezitolo zethu efune imali kanti uma singawaniki ayasisabisa futhi ayasishaya ngaphambi kokuthatha noma yini ayifunayo esitolo,” esho.

“Awukwazi ukuhlukanisa phakathi kwezigebengu namaphoyisa”.

Uthe njalo ngoMsombuluko kufika izigebengu ezihamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza ezitolo zizolanda imali yokubavikela. “Njalo kufika iqembu elihlukile.”

“Sinxusa uhulumeni ukuthi aqhamuke nezinye izixazululo zokusivikela ngoba amaphoyisa ayizigebengu ezigqoke umfaniswano,” kwengeza umnikazi wesitolo.

Izihloko zakamuva