Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Izidumbu ezibhedlela zase-Zimbabwe ziyabola ngenxa yokuntuleka kukagesi emakhazeni.
Abaphathi besibhedlela abasakwazi ukuqhubeka nokugcina izidumbu emakhazeni ngakho-ke, bacela izihlobo zabashonile ukuthi zisheshe zihlele ukungcwaba abathandiweyo babo.
Amanye amadolobho ase-Zimbabwe afana ne-Mutare kanye ne-Marondera athola ugesi amahora amabili kuphela ebusuku kanti lokhu kuyinkinga enkulu emakhazeni asezibhedlela .
Udokotela ohlola izidumbu esibhedlela i-Victoria Chitepo e-Mutare esifundazweni sase-Manicaland, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathwele kanzima emakhazeni ngenxa yokuntuleka kukagesi.
“Ukucishwa kukagesi ezweni kube nomthelela omkhulu ekusebenzeni kwethu. Siyaphoqeleka ukuthi sinxuse izihlobo zabashonile ukuthi zisheshe zilande izidumbu zabo ziyozingcwaba ngaphambi kokuthi zibole emakhazeni ethu,” kusho uLangton Mureya.
UMureya wengeze ngokuthi ukucishwa kukagesi kuleliyazwe kususa isithunzi okumele sihambisane nokuvalelisa ababathandayo. Imindeni eshonelwe iphoqeleka ukuthi ihlele ukungcwaba ngokuxhamazela kwesinye isikhathi ingcwaba izidumbu esezonakele ngenxa yezinkinga zemali ukuze kuhlelwe ukungcwatshwa kwazo ngesikhathi.
Isakhamuzi sase-Mutare uGrace Chimbuka uthe inkinga yokucishwa kukagesi e-Zimbabwe ayijabulisi.
“Ngesikhathi umfowethu eshona emasontweni ambalwa edlule esibhedlela i-Victoria Chitepo siye satshelwa ukuthi kumele sheshe silungiselele ukumngcwaba ngoba isibhedlela asikwazi ukumgcina emakhazeni ngoba ugesi awukho,” esho.
“Ngesikhathi sifika ekhaya siye saqaphela ukuthi isidumbu sakhe besesiqala ukubola ngakho-ke, siye sanquma ukuthi singalenzi isiko lokubona isidumbu ngosuku olulandelayo. Siye saqonda emathuneni sambeka endaweni yakhe yokugcina.”
Kwesinye isigameko amaphoyisa ase-Mashonaland Central asenxuse izihlobo zesidumbu esibhedlela i-Mount Darwin ukuthi zingcwabe izihlobo sazo ngokushesha. Bathe ngenxa yokucishwa kukagesi isidumbu sesibolile.
UNgqongqoshe wezaMandla uSoda Zhemu uthe ukucishwa kukagesi kuzolungiswa njengoba besebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iyunithi yesishiyagalombili esiteshini samandla kagesi i-Hwange iqala ukungena kwigridi ngoNhlaba.
UZhemu wengeze ngokuthi balindele ukuthi isabelo samanzi sibuyekezwe ngokushesha i-Zambezi River Authority ukuze baqhube nokukhiqizwa kukagesi esiteshini sikagesi i-Kariba.
Esithombeni esingenhla: Izimpawu zesibhedlela i-Victoria Chitepo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe