Bakhala ngokuchema kwelokucwasa ngokwebala

Dylan Bettencourt

Isisulu sesigameko sokucwasa ngokwebala e-Stellenbosch, uBabalo Ndwayana, uphume enkantolo kanye nethimba lakhe labammeli ngemuva kokusola isigungu esiphethe icala ngokuchema.

Icala elibhekene nomsolwa uTheuns du Toit, liqale ukulalelwa ngoLwesithathu ngemuva kokuthi eqoshwe echamela impahla kaNdwayana ngomhlaka-15 kuNhlaba.

Ummeli wesisulu, uNomonde Gxilishe, uthe ummangali akagculisekile ngesigungu esiphethe leli cala nesiqokwe yinyuvesi.

Bobabili isisulu kanye nethimba lakhe labammeli bakholwa ukuthi isigungu sichemile ngakho banqabile ukuba khona ngesikhathi kulalelwa leli cala.

UDu Toit umiswe inyuvesi ngemuva kwalesi sigameko kodwa bekuyima ukulalelwa kwecala kuba ngoLwesithathu.

Ekuqaleni uNdwayana uthe ngeke avulele uDu Toit icala kodwa ngemuva kokuxoxisana nomndeni wakhe ube esevulela umsolwa amacala obugebengu.

Yize iNyuvesi yase-Stellenbosch ithe uphenyo lwangaphakathi luzophothulwa ngokushesha, sekuphele inyanga lesi sigameko senzekile ngaphandle kokuthi uDu Toit ajeziswe.

Obaba balaba bafundi ababili basenyuvesi bakuvezile ukuthi bakhulume ocingweni bezama ukubuyisana kanti kungenzeka bahlangane ukuze baqhubeke nokudingida lesi sigameko esithathwa njengesenzo sobugebengu bokucwasa ngokwebala.

Esinye isigameko esenzeke enyuvesi asikaxazululwa; owesifazane osemusha uye wathukwa ngesikhathi ecela iculo lesintu emdansweni wesikole somthetho.

Nakuba inyuvesi ihlinzeke izisulu zombili ukwelashwa ngokwengqondo, abahlukumezi babo abakajeziswa.

Izihloko zakamuva