
Celani Sikhakhane
Abantu abangu-5 000 abalahlekelwe amakhaya abo ezikhukhuleni ezabulala abantu abaningi KwaZulu-Natal ngoMbasa namanje basahleli emahholo omphakathi nasemasontweni.
Sekuphele izinyanga ezimbili uMengameli uCyril Ramaphosa ememezele uxhaso luka-R1 billion, kanti izikhulu zikahulumeni azikakawahambisi amaphepha afanele ukuze zithole le mali.
USihlalo wekomiti lePhalamende elibhekele izinhlekelele uMnu Jomo Nyambi, udalule kuleli sonto ukuthi ngesikhathi behlangana nezikhulu zaseKZN – okubalwa kuzo noNdunankulu uSihle Zikalala – batshelwe ukuthi wonke amaphepha athunyelwe kuMgcinimafa kazwelonke.
“Ngesikhathi sibuza kuMgcinimafa kazwelonke, sitshelwe ukuthi izikhulu zaseKZN azikaze zithumele lutho,” kusho uNyambi obevutha engabaselwe.
“Sifuna ukuhlangana nabo bonke egumbini elilodwa ukuze bezochaza. Abantu bayahlupheka!”
IPhini loMqondisiJikelele kaMgcinimafa kazwelonke uDkt Mpho Modise utshele i-Radio 702 ukuthi izimali zisekhona kodwa ngeke zikhishwe uhulumeni waseKZN engakalethi amaphepha afanele achazayo ukuthi izimali zizosetshenziswa kanjani.
UModise udalule ukuthi amanye amafomu athunyelwe awagcwaliswanga ngendlela efanele.
“Omasipala nezifundazwe kumele bakubeke eqhulwini okunye okuwuxhaso lwemali yesibonelelo sikahulumeni. Lesi yisikhathi sokuqala sonyaka wezimali ngakho-ke banakho konke okumele bakulethe ngokushesha,” kusho uModise.
Ngenyanga edlule labo abakhahlenyezwe izikhukhula baye babhikisha e-Durban City Hall bekhala ngokubambezeleka nokuhlupheka ababhekene nakho ezindaweni zokukhosela zesikhashana.
Sekuphele izinyanga ezimbili izisulu zezikhukhula zithenjiswe usizo oluphuthumayo nguMengameli uCyril Ramaphosa nabanye abaholi bakahulumeni.
IPhini leMeya yeTheku, uMnu Philane Mavundla, utshele izisulu ezithukuthele ukuthi lukhona uhlelo lokuthi bakhishwe emahholo nasemasontweni banikezwe izindawo zokuhlala ezifanele.