Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umbango wamandla wokulawula iNgonyama Trust – kanjalo nokwehluleka kukahulumeni ukukhokha izikweletu ezingaphezu kuka-R3 billion – yizinto ezidala izinkinga ezinkulu phakathi kwezinhlaka.
Lezi zinto zikhonjisiwe embikweni ophelele wezimali weNgonyama Trust onamakhasi ayisikhombisa onikezwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngomhlaka-20 kuNdasa. Ikhophi yombiko iku-Scrolla.Africa.
Umbiko ohlanganiswe uSihlalo webhodi, iJaji uJerome Ngwenya udalule ukuthi iNgonyama Trust ayikaze ilahlekelwe imali nganoma iyiphi indlela engabazekayo kodwa uhulumeni udale ingxabano engenasidingo ngokwehluleka ukuxhasa ibhodi ngokoMthethosisekelo.
Uthe isikhwama sikhiphe imali engaphezu kuka-R120 million ukuze kuxhaswe ibhodi ngemuva kokwehluleka ngamabomu kukahulumeni ukwenza lokho.
“Ngokujwayelekile lezi zimali ziphathwa ngabathenjwayo. Kodwa-ke, Ingonyama Trust iphethwe ibhodi eliqokwe uhulumeni. Yiwona mnyombo wenkinga nombango wokuthi ngubani olawula Ingonyama Trust,” kusho uNgwenya kulo mbiko.
Uveze ukuthi sekuphele iminyaka eminingi uhulumeni ehlukumeza abantu ngokwehluleka ukukhokha imali yokuqasha kanye nerenti yemitholampilo, izikole, amahlathi, iziteshi zamaphoyisa, ingqalasizinda nokunye okuningi.
Umbiko uthi Ingonyama Trust isisungule inhlangano yayo yezimali Ingonyama Holding. Igunyazwe ukusebenza emkhakheni wezohwebo futhi ifakwe ohlwini lwe-Johannesburg Stock Exchange nge-Bayede Impact Fund (BIF).
Umbiko uphinde waveza ukuthi ngo-2021 Ingonyama Trust bekumele ibikele abaholi bendabuko noma amakhosi kodwa umhlangano wahlehliswa.
Lo mhlangano uhlehle ngoMasingana kulo nyaka ngoba Ingonyama Trust isabhekene nezinselelo.
UNgwenya uthe impahla engaphansi kweNgonyama Trust yanele ukuthi le nhlangano ikwazi ukuziphilisa njengethemba elikhulu lomphakathi wakuleli.
Umbiko unikezwe i-South African National Editors Forum, isiShayamthetho saKwaZulu-Natal kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal ngokomyalelo weSilo.
UNgwenya uthe ukuba khona kweNgonyama Trust kuvikele umhlaba ngaphansi kwabaholi bomdabu, bemifelandawonye kanye nezinye izinhlaka ezisebenzisa osopolitiki ukukhipha abantu emhlabeni woyisemkhulu ukuze bakhe amabhizinisi.
Wenze isibonelo ngendawo yaseMacambini enyakatho yeKwaZulu-Natal eyacishe yadayiselwa i-Ruwaad Consortium yase-Dubai. UNdunankulu wangaleso sikhathi uSbu Ndebele kanye nomqondisi-jikelele wakhe uKwazi Mbanywa bavakashela e-Dubai basayina isivumelwano sokusebenzisana. Abantu bavuka umbhejazane ngesikhathi benikwa umyalelo wokuthi bathuthe namathuna abantu ababathandayo baye kwezinye izindawo. Ekugcineni Ingonyama Trust yakuvimba ukudayiswa komhlaba.
Esithombeni esingenhla: UNdunankulu ebukhosini bakaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi, iSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye neJaji uJerome Ngwenya webhodi leNgonyama Trust.
Umthombo wesithombe: Polity.org