Bakhala ngogesi onciphayo ngenxa yokucishwa

Buziwe Nocuze

Osomabhizinisi nabanikazi bezindlu bakhala ngokuthi amayunithi abo e-Eskom ayancipha njalo uma kucishwa ugesi.

UMnu Sivuyile Zweni waseNyanga eKapa uthe sebewuthenga kakhulu ugesi selokhu kuqale ukucishwa kwawo.

“Sifuna u-Eskom ulungise inkinga ngoba asikwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi esingawusebenzisanga,” kusho uZweni.

“Uma sinamayunithi angu-50 ngesikhathi kuqala ukucishwa kukagesi abuya esengu-35.”

Uthe lokhu ubugebengu.

“Ugesi uyabiza asikwazi ukuba namayunithi anyamalala kanje. U-Eskom udinga ukukulungisa lokhu,” kusho uZweni.

Esinye isakhamuzi sitshele i-Scroll.Africa ukuthi siyamangala ukuthi abantu bakubona manje lokhu. 

“Lokhu kwenzeka kusukela kuqale ukucishwa kukagesi. Asazi ukuthi sikubike kuphi.

Mhlawumbe njengoba sebebaningi abantu ababhekene nale nkinga u-Eskom uzoyilungisa,” kusho isakhamuzi.

“Ugesi obizayo wenze ukuthi abantu babone ukwehla kwamayunithi. 

Ngesikhathi ugesi usathengeka akekho obeqaphela ukuthi mangaki amayunithi emitha. Kodwa izinto sezishintshile. Abantu bayanaka.”

Abanye abantu uma ubuya ugesi kufa izinto ezindlini.

UZikhona Mgoduka ufelwe umabonakude.

“Bengibuka umabonakude ngesikhathi kucisha ugesi. Ngazikhipha zonke izinto ezisetshenziswayo, kwathi uma ugesi ubuya ngalinda imizuzu engu-30 ngaphambi kokuba ngiphinde ngiwakhanyise,” kusho yena.

“Kodwa umabonakude wami awuzange ubonise izithombe angazi ukuthi kuyoze kube inini ngithenga izinto zagesi. Kodwa akukho esingakwenza ngoba kubukeka inkinga kagesi isazoba khona isikhathi eside.”

Okhulumela u-Eskom uSikonathi Mantshantsha uthe u-Eskom uzophenya i-akhawunti ngayinye ehlangabezane nalezi zinkinga.

“Uma uphenyo luvumelana nalokhu okushiwo abahlali izicelo eziqinisekisiwe kuphela ezizothola isinxephezelo futhi uhlelo luyafana nakulabo abalahlekelwe izinto zikagesi,” kusho uMantshantsha.

“Umphakathi uyanxuswa ukuthi uthinte u-Eskom ku-08600 37566.”

Izihloko zakamuva