Bakhala ngobugebengu obudlangile e-Winterveld

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo no-Everson Luhanga

Umkhuzi wamaphoyisa osebenza esiteshini samaphoyisa e-Temba ubanjwe inkunzi imoto yakhe yadunwa ngamadoda amathathu e-Soshanguve wase ephoqwa ukuthi asheyele ebheke e-Winterveld, e-Tshwane ngeSonto ntambama.

Manje izakhamizi zase-Winterveld ezithukuthele zinxusa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ukuthi akubeke eqhulwini ukulwa nobugebengu kule ndawo.

Kusolakala ukuthi umkhuzi wamaphoyisa uthembise abantu ababili ukubahambisa ekhaya ngemuva kokuthi bezokwenza izitatimende esiteshini samaphoyisa base betshela umkhuzi wamaphoyisa ukuthi abanayo imali yokugibela amatekisi ukuze babuyele ekhaya.

Kodwa ngemuva kokuthi abehlise emakhaya umkhuzi wamaphoyisa uye wahlangana namadoda amathathu abehlomile amkhomba ngezibhamu.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe la madoda abe esemphoqa ukuthi ashayele ebheke e-Winterveld nokuyilapho afike amphuca khona umakhalekhukhwini, imali kanye nezinye izinto ezibalulekile.

“Abasolwa basagcwele amathafa kanti sinxusa izakhamizi okungenzeka ukuthi ziyazi ukuthi obani la madoda amathathu ukuthi ziphumele obala,” esho.

Isakhamuzi uThomas Nokeri uthe ubugebengu budlangile kule ndawo kangangokuthi njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili imoto eyebiwe noma eduniwe itholwa ilahliwe noma ifihlwe komunye wemizi endaweni.

“Izigebengu seziqonde amaphoyisa. Kunjalo nje abosizo oluphuthumayo abakwazi ukuza endaweni ukuzolanda iziguli ngaphandle kokuphelezelwa ngamaphoyisa ngoba izikhulu ziphucwa izimoto ziphinde zigetshengwe,” esho.

“Siphenduka umphakathi onjani?”

Isakhamuzi uMaria Skhosana uthe bacela amaphoyisa noNgqongqoshe wamaphoyisa ukuthi bakubeke eqhulwini ukulwa nobugebengu kule ndawo.

“Uma kuhwalala ebusuku sizivalela ezindlini ngoba siyesaba ukuthi isigebengu esibalekayo singase singene endlini noma ushaywe inhlamvu ngesikhathi kudutshulwanwa,” esho.

“Asikwazi ukuvumela izigebengu ukuthi zikubone kulula ukusebenza kule ndawo ziyenze indawo yokugcina izimpahla ezebiwe.”

Esithombeni esingenhla: Iveni yamaphoyisa eyebiwe 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva