Buziwe Nocuze
Amalungu omphakathi ase-Steenberg, e-Hillview kanye nase-Muizenberg amashe ndawonye nabashayeli bamatekisi ngoLwesine efuna ukuthi amaphoyisa enze okuthile ngezigelekeqe.
Izakhamizi zinikeze uMajor General Thembekile Dyantyi incwadi yememorandamu endaweni evulekile e-Steenberg. Phakathi kohlu lwezimfuno kubalwa ukuthi kubonakale amaphoyisa nokuthi amaphoyisa enze umsebenzi wawo wokubopha izigebengu ezibahlukumezayo.
Bathe abakufunayo ukuthula emiphakathini yabo.
UBrandon Suleiman wase-Retreat uthe abashayeli bamatekisi bayahlaselwa futhi basatshiswa izigebengu.
“Emasontweni amabili edlule, omunye umshayeli wethu wetekisi udutshulwe wabulawa, kodwa akuzange kuthathwe lutho kuye. Bavele bambulala nje,” kusho uSuleiman.
Uthe ngo-2010 kwabulawa abashayeli abangu-14 benhlangano yamatekisi yase-Retreat kodwa kwangenzeka lutho.
Alukho ulwazi olumayelana nokuboshwa olwake lwatholwa.
Uthe abagibeli abakwazi ukuhamba ngokukhululeka uma beya erenki ngoba baphucwa imali yokugibela amatekisi nezimpahla zabo.
Omunye umshayeli wetekisi udalule ukuthi umiswe amadoda amathathu abecabanga ukuthi angabagibeli. Omunye uye wabeka isibhamu entanyeni yakhe ngesikhathi abanye ababili begebenga abagibeli.
Elinye ilungu lomphakathi lithe ukuya emsebenzini sekuyinselelo ngenxa yobugebengu obudlangile endaweni yabo. Uthe bonke bafuna amaphoyisa abonakale nokuthi athathe izinyathelo ezengeziwe zokuphepha kule miphakathi.
Uthe izingane zabo azikwazi ukudlala ngaphandle ngokukhululeka ngoba kungenzeka noma yini.
UDyantyi uthole imemorandamu wathembisa ukuthi izofinyelela kuyo yonke iminyango efanele.
UReagen Allen, uMphathi wamaphoyisa kanye noNgqongqoshe wezokuPhepha kwamaphoyisa nokuphepha komphakathi, uthe kubalulekile ukwakha ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa akuleli nemiphakathi.