Bakhala ngobudedengu bomphakathi obulale ongenacala

Buziwe Nocuze

Ikhansela uMercy Makua uthi akufanele kube nozwelo kubabulali bendoda engenacala.

NgoLwesine iKhansela uMakua uvakashele umndeni ka-Abongile Mafalala, obulawe esigamekweni esibi ngephutha ngamalungu omphakathi ngoLwesibili.

Abantu abaningi balethwe ngamaphoyisa esiteshini ukuyophekwa ngemibuzo mayelana necala lokubulala, lapho uMafalala (31), aphanjaniswe khona nobesolwa ngokuthumba ngamalungu omphakathi amshayile, amkhanda ngamatshe aphinde amshisa.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Joseph Swartbooi, uthe uma bethweswa icala lokubulala uMafalala, bazovela enkantolo yase-Wynberg.

Kodwa ikhansela lesigceme uMakua uthe umphakathi wase-Dunoon usazoqhubeka nokubambela i-Parkwood igqubu ngokubulala owesilisa ongenacala.

I-Scrolla.Africa sivakashele umndeni wendoda ebulewe, lapho umphakathi obusahlangene khona.

UMakua ubengaphakathi ehleli nomndeni kaMafalala ososizini.

Uthe ukubulawa kukaMafalala bekuhleliwe, futhi umphakathi ufuna ukuthi bonke abathintekayo bakhokhele abakwenzile.

Abantu abazenza abagibeli abafisa ukuba ngabashayeli be-Uber yibona abahlele konke lokhu,” esho. Baphambanise i-Avanza kaMafalala nale ekade isabalala ezinkundleni zokuxhumana okuyimoto efana neyabasolwa ngokuthumba.

Isifiso somphakathi ukuvakashela umphakathi wase-Parkwood ukuze uzwe kuwo ukuthi kungani unganikezanga isisulu ithuba lokuchaza ukuthi ungubani.

Ukushona kwakhe kushiye wonke umphakathi wase-Dunoon wopha futhi uthukuthele.

Udadewabo omdala kamufi, uKhuselwa Mafalala, uthe balahlekelwe ngumuntu obebanakekela.

Noma ebulawe kabuhlungu ebulawelwa into angayenzanga, abasoze bamkhohlwa ngoba ubengumuntu onothando nobehlonipha wonke umuntu.

Ngaphandle uZuke Gwayi oyilungu lekomiti lomgwaqo, uchaze uMafalala njengomuntu obethanda wonke umuntu emphakathini futhi ongakaze abanike izinkinga. Ngesikhathi eqala ukubona amavidiyo ezinkundleni zokuxhumana, ubengacabangi ukuthi kungaba ngumuntu amaziyo.

UWarrant Officer Swartbooi uthe ukubulawa kukaMafalala kuyindaba eyisixwayiso.

“Abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana kumele basebenzise lezi zinkundla ngendlela efanele futhi baqinisekise umthombo nobuqiniso bolwazi ngaphambi kokwabelana ngalo.”

Scrolla World Cup Quiz