Bakhala ngobhiya obenza balangazelele ucansi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ubhiya omusha wejinja owenziwe ekhaya wenza izakhamuzi zaseKapa zihlanye ngocansi.

Njengobhiya ojwayelekile, ushibhile, uqeda ingcindezi futhi wonga imali.

Kodwa lesi siphuzo esenziwe esidayiswa emijondolo yaseKapa akuwona ubhiya ojwayelekile wejinja.

“Lo bhiya usenza sihlale sinomsindo njalo,” kusho uNosisa oneminyaka engu-40. “Ngemuva kokuwuphuza uzizwa ulangazelela ukuya ocansini.”

Abathengisi besiphuzo banolwazi oluningi ngamandla esiwaphethe ngoba bahlinzeka ngamakhondomu kanye negumbi kumakhasimende abo.

Owesilisa oneminyaka engu-52 ubudala waqala ukuphuza lobhiya ngesikhathi kubekwe imigomo yomvalelandlini. “Ngesikhathi izitolo ezidayisa utshwala ziphoqeleka ukuthi zivalwe ngenxa yemithetho ye-Covid-19, sasisele nobhiya wejinja kuphela ngangiqala ngqa ukuwuphuza futhi angiphindanga ngabheka emuva.”

Uthe ilitha lidayisa u-R10, bese kuthi labo abathanda kakhulu ukuphuza bathenga ibhodlela lamalitha amahlanu ngo-R50.

“Kunzima ukuhlala ungaphuzi uma unezinto eziningi obhekene nazo, kuyingozi kodwa yikho kuphela esikwazi ukukwenza.”

Izithako eziqondile zesiphuzo zigcinwa ziyimfihlo. Abawenzayo  baveza kuphela ukuthi yenziwe ngejinja notshwala.

Naphezu kwezinzuzo ezisobala zesiphuzo, nokho lo wesilisa uthi kukhona okungahambi kahle ngalesi siphuzo. 

“Siyasithanda futhi siyasithokozela, kodwa into engisizonda ngayo ukuthi sivusana phakathi kwamabili sikuthume endlini yangasese ngoba sidala isifo sohudo.”

Uthi bazenzela izinto kalula ngokulala benqunu ukuze bakwazi ukugijima baqonde endlini yangasese uma sekufanele.

I-Scrolla.Africa ivakashele enye yezindlu ezisemijondolo yaseKapa edayisa lobhiya wejinja.

Ngemuva kunomjondolo ongenalutho namakhondomu. Umnikazi walesi sitolo uthe wakhela amakhasimende akhe igumbi ngoba uyayazi indlela abaziphatha ngayo uma bephuzile.

“Anginandaba nemali yabo kuphela, kodwa nginendaba nangezimpilo nezidingo zabo.”

Uthenga impushana kabhiya wejinja enxanxatheleni yezitolo eseduze afake imvubelo eluhlaza esetshenziswa ilaba abathanda ukubhaka, ushukela kanye namanzi akuxube ngemuva kwalokho akulinde amahora angu-24.

Owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala utshele i-Scrollla.Africa ukuthi wehla emzimbeni ngemuva kokuphuza ubhiya wejinja. “Selokhu ngaqala ukuphuza lobhiya anginawo amandla okudla ngihlezi ngilangazelele ukwenza ucansi.”

Uthe kuthatha izingilazi ezimbili kuphela ukuthi umuntu oyedwa abanjwe ilobhiya wejinja.

“Asinayo imali yotshwala obubizayo, kodwa asikunaki lokho ngoba siphuza ubhiya wethu wejinja,” kusho lo wesifazane. 

Izihloko zakamuva