Bakhala ngezithembiso ezenziwa ngabaholi

Celani Sikhakhane

Abaholi abasebenza kuhulumeni basaqhubeka nokwenza izethembiso ezinkulu kwabakhahlanyezwe izikhukhula ngesikhathi besadonsa kanzima ukukhipha u-R1 billion wezinhlekelele ezabulala abantu ngoMbasa. 

NgoMsombuluko uNdunankulu wase-KZN uMnu Sihle Zikalala uqoke isikhulu kanye neMeya yeTheku uMnu Mxolisi Kaunda ukuze baqaphe umonakalo odalwe imvula enamandla ngempelasonto.

Njengoba uZikalala enza ngenhlekelele kaMbasa usephinde wathembisa ukusiza abantu abasezindlini zesikhashana okuhlanganisa nabasanda kuhlaselwa izikhukhula zakamuva.

“Sizoqhubeka nokusiza labo abasakhungethwe ilenhlekelele futhi sizimisele nokwakha lawo mabhuloho agugulwe izikhukhula ngempelasonto lapha e-Mdloti, e-La Mercy kanye nasoThongathi,” kusho uZikalala.

Uthembise ukuthi ibhuloho elicekeleke phansi elihlanganisa u-Mdloti noThongathi ku-M4 lizokwakhiwa esikhathini esingangenyanga.

Uthi ibhuloho elihlanganisa u-Mdloti ne-Ballito lizothatha izinyanga eziyisithupha ukulungiswa.

Yize uZikalala enza izithembiso ezifuze lezi kuvele ukuthi ingqalasizinda abathembise ukuyilungisa esikhathini esingangenyanga ayikalungiswa.

Amalungu omphakathi asale dengwane ngenxa yezikhukhula ehleli emasontweni nasemahholo omphakathi ngenxa yokuthi uhulumeni akakwazi ukukhipha u-R1 billion owawuthenjiswe ngenyanga edlule ngesikhathi izikhukhula eziyingozi zihlasela e-KZN kwashona abantu abangaphezu kuka-400.

Amalungu omphakathi e-Verulam azakhele ibhuloho esikhathini esingamasonto ambalwa ngoba engafuni ukulinda izethembiso zikahulumeni.

Abantu abakade beletha usizo banqume ukunganikeli kuhulumeni njengoba kuvele izikhalo zokuthi kungenzeka le mali ingafinyeleli kwabahlukumezekile ngenxa yenkohlakalo.

UZikalala uthe kunombango mayelana nebhuloho obekufanele lakhiwe kabusha ngemuva kwenyanga.

Enye yezinkampani ebezifuna ithenda yokulungisa leli bhuloho yalufaka enkantolo udaba njengoba ibingeneme ngohlelo lwamathenda.

IMeya uKaunda iveze ukuthi umonakalo endaweni yokuhlanza amanzi e-Mdloti uqashwe ithimba likaMasipala.

Scrolla World Cup Quiz