Lubhalwe nguLungani Zungu
E-Lamontville KwaZulu-Natal kuxhunyekwe amatende amaningi okuhlala kuwo abantu abangenamakhaya ngenxa yezikhukhula. Ngezansi nje nomgwaqo izakhiwo eziyizitezi ezingu-15 zihlezi azinabantu.
ENdwedwe ebangeni elingamakhilomitha angaphezu kuka-70 ukusuka e-Lamontville babalelwa ku-50 abahlaselwa izikhukhula zangoMbasa nyakenye abahlala ematendeni.
Khonamanjalo, izindlu zase-Lamontville okubikwa ukuthi zidle imali yabakhokhibentela engu-R180 million zagqekezwa zaphinde zacekelwa phansi izigebengu zendawo. Amafasitela ezindlu eziningi aphahlazekile futhi utshani obungasikiwe bukhuphuka ngezindonga.
“Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni akanandaba nathi. Kunezindlu ezingenalutho kodwa sizithola sihlala ematendeni. Ibuhlungu lento,” kusho uSbu Cele owaqala ukuhlala etendeni eNdwedwe ngemuva kwezikhukhula ezabulala abantu ngoMbasa.
Bangaphezu kuka-400 abantu abashona esifundazweni ngesikhathi sezikhukhula zangoMbasa nyakenye.
UNtombenhle Ntendeni osehlale etendeni e-Lamontville kusukela ngezikhukhula zango-2018 ezadala umonakalo eThekwini udinwe ngokufanayo.
“Uhulumeni wehlulekile. Bathembisa ukuthi bazositholela izindlu ezifanele eminyakeni emithathu edlule, kodwa namanje siselapha. Kubuhlungu lokhu. Kodwa ngaphezu kwakho konke kukhombisa ukuthi akekho uhulumeni ozosisindisa njengabantu abampofu.”
Labo abahlala eduze kwezindlu ezingahlali muntu bathi lezi zindlu zisebenza njengendawo yokukhosela yezigilamkhuba.
“Lezi zindlu seziphenduke indawo yezigebengu zokucasha. Abanye abantu baze bazitike ngocansi kulezi zindlu. Uma umasipala ungazimisele ngokunika noma ngubani lezi zindlu kumele uqashe onogada abazogada le ndawo,” kusho isakhamuzi uMnu Bonga Mkhize.
Ebuzwa ngalokhu okhulumela umasipala weTheku uMnu Msawakhe Mayisela uthe: “Ngesikhathi kwabiwa lezi zindlu kwaba nombango womphakathi mayelana nokuba semthethweni kwabantu abazohlomula.
Uthe lokhu kwaholela ekutheni abahlomulayo baxoshwe ezindlini wase evuma nokuthi izakhiwo zicekelwe phansi.
UMayisela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isixazululiwe le nkinga osekunesikhathi eside ikhona.
“Izinkinga zabahlomuli sezixazululiwe ngemuva kwezingxoxo ezinde nomphakathi.”
Kodwa-ke, izakhamizi eziningi – ezizimele – ziyakuphikisa lokhu njengoba abaningi besabanga lezi zindlu.
UMayisela uthe sizotholakala isiphetho ngalolu daba.
Esithombeni esingenhla: Izitezi ezingahlali muntu e-Lamontville
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe