Lubhalwe nguLungani Zungu
I-North West ephethwe i-ANC isaqhubeka nohlelo lwayo lwezinqola zezimbongolo nakuba kunobufakazi bokuthi kukhona okungahambi kahle ohlelweni lokukhishwa kwamathenda okuholele ekutheni kuthengwe izinqola ezingu-20 ngo-R780 000.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi nokuPhathwa kwezokuThutha, u-Oshebeng Alpheus Koonyaditse uthe akekho umuntu ongaphazamisa uMnyango ohlelweni lwawo.
“Angazi ukuthi ingxabano imayelana nani. Lolu uhlelo oluhle oluzosiza imiphakathi yasemakhaya. Sizoqhubeka nalo kwezinye izindawo,” usho kanje etshela i-Scrolla.Africa.
UKoonyaditse akaqhubekanga nokuphawula ubike ukuthi usemhlanganweni.
UNgqongqoshe wezokuPhepha, uSello Lehari kubikwa ukuthi uyaluvikela lolu hlelo olususe umsindo.
Kuke kwabikwa nokuthi ezinye izinqola zezimbongolo sezike zaphuka njengoba kusaphele amasonto amabili zinikezwe umphakathi.
Kuthiwa inqola ehlala abantu ababili ibiza phakathi kuka-R32,500 no-R45,000.
Uhlelo lwezinqola ludale ukungezwani ngemuva kokwethulwa emiphakathini yasemakhaya entulayo ezifundeni zase-Dibono nase-Manwana ngesonto eledlule.
Okubi nakakhulu uMpho Ramongalo umqondisi we-LKT Business Enterprises 22 okuyinkampani eyathola ithenda, uthi akazi lutho ngale thenda.
Uthi inkampani yakhe ibingenayo i-akhawunti yasebhange esemthethweni njengoba ibisezinhlelweni zokuhlehla ukufuna le thenda.
I-DA e-North West ifake isikhalazo kwi-Special Investigating Unit (SIU) ukuze iphenye ngethenda esuse umsindo.
UFreddy Sonakile okhulumela i-DA kwezokuphepha komphakathi kanye nabaphathi bezokuthutha, uthe lolu hlelo luwumkhonyovu.
“Abanti bakuleli bake baba sematheni kulokho okubonakala kuwumkhonyovu wezinqola,” kusho uSonakile.
USonakile uthi ziningi izinsolo ezikhona zokuthi izinqola zakhiwe ngo-2017 futhi sezihlale isikhathi eside endaweni yokugcina impahla esikhumulweni sezindiza i-Mahikeng.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdunankulu wase-North West, uBushy Maape ayiphumelelanga futhi asikwazanga ukuthola okhulumela ihhovisi lakhe.
Ngo-2020 uhulumeni we-ANC e-Eastern Cape waphoqeleka ukuthi ahoxise uhlelo lwe-Covid-19 scooter olwadla abakhokhi bentela u-R10 million kulandela isikhalazo esikhulu somphakathi.
Isithombe esingenhla ngesikaNgqongqoshe Wezokuphepha uSello Lehari ehlola ukushayela enye yezinqola
Umthombo: North West government