Bakhala ngezinkinga zokucishwa kukagesi abafundi basekolishi 

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Ukucishwa kukagesi kwethule izinselelo ezintsha ikakhulukazi kulabo abafunda ezindaweni zasemakhaya e-Eastern Cape.

Abafundi basekolishi iNgwe TVET e-Sithetho Campus e-Bizana bakhala ngokuba nezinkinga eziningi ngenxa yokucishwa kukagesi okuqhubekayo.

Bangaphezu kuka-60% abafundi abenza i-N5 Information Processing abafeyile izivivinyo zabo ngenxa yokucishwa kukagesi kanti abanye kudingeke ukuthi baphinde babhale izivivinyo zabo.

Imithombo ecele ukuthi igama layo ligodlwe isole abaphathi beKolishi ngobudedengu, ngoba bekufanele kube khona umshini wokuphehla ugesi ozosiza ngezikhathi ezibucayi njengezivivinyo.

“I-backup generator selokhu yagcina ukusebenza ngonyaka odlule ngoMfumfu,” kusho umthombo.

Okwaba inkinga kakhulu ingesikhathi kucishwa ugesi bebhala izivivinyo zabo kwadingeka ukuthi balinde amahora amabili endlini yezivivinyo ukuze baqhubeke nokubhala uma sekubuye ugesi.

“Satshelwa ukuthi sizobuyiselwa isikhathi esisichithile ngenxa yokucishwa kukagesi, kodwa ngemuva kwamahora amabili kucinywa ugesi sanikezwa imizuzu engu-30 kuphela ukuze siqedele iphepha lamahora amathathu nakuba silahlekelwe amahora amabili ngenxa yokucishwa kukagesi.”

Abafundi bebelokhu bakhalaza ngamakhompuyutha  angasebenzi kahle kusukela ngonyaka odlule.

Ngesonto eledlule bazibambele mathupha bahlala ngaphandle kwamasango ekolishi kwaphoqa ukuthi abaphathi balungise izinkinga.

“Sifuna bakhokhe ama-computer licence balungise namakhompuyutha anenkinga ngoba uma sifeyila ngenxa yamakhompyutha anephutha kumele sikhokhe imali yokuphinda izifundo ezifanayo futhi sifuna i-back-up generator ukuze singaphazamiseki uma kucishwe ugesi okwenzeke ngonyaka odlule,” kusho omunye umthombo.

Imizamo eminingi yokukhuluma nomphathi wesikhungo uMnu Mngomeni ibhuntshile njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubukhala ungabanjwa laphinde lasiphosa ezihlahleni.

Kodwa-ke, i-HOD yesikole se-Business Studies, uNksz Baya wenqabile ukuphawula ngalolu daba, nakuba engaphikanga.

“Umlomo wami uvalekile ekukhulumeni nabezindaba futhi angivumelekile ukukhipha imininingwane yanoma yimuphi umsebenzi,” kusho uBaya.

Isithombe esingenhla: Ilebhu yamakhompuyutha ekolishi yase-Ingwe TVET e-Sithetho Campus e-Bizana

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva